UHeric ukhala ngosihlalo owamphehlela amanzi amnyama
- Sibongiseni GUMBI
Owayengumqeqeshi weChippa United, uVladislav Heric, ukholwa wukuthi akasaqashwa ngenxa yokungcoliswa kwegama lakhe ngumnikazi weqembu elithile eNingizimu Afrika.
Lokhu sekuholele ekutheni ahlale isikhathi eside engawutholi umsebenzi wokuqeqesha ebholeni lakuleli yize ezakhele igama emaqenjini ehlukene.
Lo mqeqeshi odabuka eSerbia usehlale isikhathi eside engawutholi umsebenzi.
Usola ukuthi lokhu kudalwa yizinto ezimbi ezifafazwa ngaye emaqenjini ngumuntu othile.
“Azikho izicelo zafuna ngizowaqeqesha. Ngicabanga ukuthi sekuphelile ngami eNingizimu Afrika,” kusho uHeric kwiKickOff.
“Ngicabanga ukuthi akekho umuntu ozongifonela. Bangitshela ukuthi nginegama elibi eNingizimu Afrika.
“Kungani? Angazi ukuthi kungani kodwa kunomuntu owangikhuluma kabi.”
UHeric uveze ukuthi unezinsolo eziqinile mayelana nokuthi ngubani lo omphehla amanzi amnyama.
“Ngingaqagela ukuthi ubani owenze lokho. Ngicabanga ukuthi ngiyazi ukuthi ubani owenze lokho. Omunye wabanikazi bamaqembu.
“Ngebhadi ngingomunye wabaqeqeshi abafakwe ohlwini lwabangeke besqashwa kuleli.”
Ezizwa ekhishwa inyumbazane emphakathini webhola laseNingizimu Afrika, uHeric usecabanga ukuyozama ngaphandle.
“Ngiqeqesheke kakhulu, futhi kuwo wonke amaqembu esengike ngawaqeqesha, bonke abadlali bami bebengilwela enkundleni.
“Okubuhlungu wukuthi ibhola aliphethwe ngabadlali; liphethwe ngabanikazi bamakilabhu.
“Yibona abathatha izinqumo, futhi noma ngabe iqembu lakho lenza kahle kangakanani, abaneliseki.”
OLUNYE UDABA: Ubukela kuKaizer Motaung oweBucs owakha inkundla
Naphezu kwesimo esiyinselelo, uHeric useqhubekele phambili nempilo yakhe wemukela lesi simo. “Kodwa kulungile,” kuphetha yena.