EzintshaKaizer Chiefs

Kumfaka umfutho uPetersen ukusolwa ngabalandeli kwiChiefs

  • Intatheli yeLISENETHINI

Umchaze njengomuntu onomdlandla nowaziyo ukuthi sinini isikhathi sokuncokola, kanti nesokusebenza futhi uyasihlonipha. 

UMzoughi, ojoyine ithimba labaqeqeshi beChiefs eliholwa nguNasreddine Nabi ngoJuni, kanti ufike nomfutho eqenjini.

Ukuthanda kwakhe umsebenzi wakhe kuhlale obala ngesikhathi iChiefs ishaywa ngo 4-0 yiYoung Africans kwiToyota Cup muva nje. 

U-Peterson uchaze okwenza lo mqeqeshi ahluke kwaseke wasebenza nabo phambilini. 

“Uma kuyisikhathi sokusebenza, siyasebenza. Yinto esiyithandayo leyo,” kusho uPetersen kwiSunday World muva nje.

U-Peterson uvumile ukuthi ukujwayela izindlela zikaMzoughi kwaba inselelo ekuqaleni, njengoba bekungathi ‘basenkambini yamasosha’.

“Ukufika komqeqeshi wonozinti omusha kuze nento ehlukile kithi,” kuqhuba lo nozinti.

“Amaviki okuqala abenzima ngoba bekujinywa kanzima. Kodwa la sesikhona manje, sikahle kakhulu. 

“Umehluko uyabonakala. Sijabule, siyakuthokozela ukusebenza naye futhi sesibheke ukuba nesizini enhle.” 

UPeterson, obhekane nokugxekwa ngamaphutha akhe ngesizini edlule, uzwakalise ukuthi usesimeni esihle somqondo futhi usekulungele ukubhekana nesizini ezayo. 

Ubalule nokuthi ukugxekwa ngabalandeli kumane kumfake umfuthi kakhulu, azimisele ngokudlulele.