Asale encela izithupha awakuleli u-Appolis eqoma e-Algeria
- Intatheli yeLISENETHINI
U-Oswin Appollis usezoyojoyina iqembu lase-Algeria, njengoba iPolokwane City kubikwa ukuthi isisamukele isicelo sakamuva ngalo mdlali weBafana Bafana, ngokubika kweSABC Sport.
Lezi zindaba zivele ngemuva komdlalo wePolokwane City weMTN8 la ihlulw ekhona yiMamelodi Sundowns eLucas Moripe Stadium ngeSonto.
Lokhu kudayiswa kuka-Appollis kube yindaba esegudwini ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kulandela ukuvela kwentshisekelo ye-Esperance de Tunis.
IKaizer Chiefs nayo kuke kwavela ukuthi yavela kwiPolokwane City, iyobuza ukuthi ingadayiseleka yini lo mdlali.
Nokho, emasontweni ambalwa edlule, kubonakale sengathi noma yisiphi isicelo ngeke siphumelele ngemuva kokuba iPolokwane City izishaye indiva iziphakamiso.
I-Esperance ithole impendulo yokuqala icelwa ukuthi yengeze emalini eyayiyibeka etafuleni ifika okokuqala.
Njengoba i-Esperance de Tunis ibe seyijika intshisekelo yayo yayibhekisa ku-Elias Mokwana emthenge kwiSekhukhune United.
Kube sekuqhamuka iqembu lase-Algeria selisha amashushu ngo-Appollis futhi labeka into ebhekile etafuleni.
Yize lingadalulwanga igama leqembu ukugwema ukuphazamisa izingxoxo, iSABC Sport ikuqinisekisele ukuthi iPolokwane City isamukelile isicelo salo.
Ukuhamba kwakhe manje sekuncike ekutheni u-Appollis aphumelele ukuhlolwa kwezempilo nokuvumelana ngemihlomulo yakhe.
Lokhu kusho ukuthi iKaizer Chiefs iphinde yasala incela izithupha ngomunye umdlali ebimhalela.
U-Appollis ujoyine iPolokwane City njengeqembu ngesizini edlule wafike washeshe wagqama, waze wangena eqenjini leBafana Bafana.
Ube ngomunye wabadlale kahle kwi-Afcon la iBafana ibuye khona nendondo yethusi ngokulala isithathu.
Usuke ebhentshini wadlala okungenzeka kube wumdlalo wakhe wokugcina kwiCity ihlulwa ngo 1-0 yiSundowns ngeSonto.
OLUNYE UDABA: Iya kwiStellies iDowns ephume ngeyenaliti kwiPolokwane
Uzojoyina uKhanyisa Mayo obedlala kwiCape Town City osanda kujoyina iCR Belouzdad khona e-Algeria.