Uvuke ngomsebenzi kweleChampionship owaduma kwiChiefs
- Intatheli yeLISENETHINI
Owayengumgadli weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uSiphelele Mthembu, usayine neBaroka FC, egijima kwiMotsepe Foundation Championship.
UMthembu, odume ngelika “Shaka Zulu” ebholeni, ubengenalo iqembu selokhu ashiya kwiPretoria Callies ngoJuni nonyaka.
Naphezu kwesipiliyoni sakhe, akakwazanga ukuthola iqembu kwiBetway Premiership.
I-SportsWire ibika ukuthi lo mgadli, oneminyaka engu-36, usejoyine iBaroka FC ngenkontileka yonyaka.
Umqeqeshi osanda kuqokwa kuleli qembu, uMorgan Mammila ukholwa wukuthi isipiliyoni sikaMthembu sizolisiza kakhulu iqembu.
Ngaphezu kweChiefs nePirates, uMthembu usedlalele amaqembu amaningi okubalwa kuwo AmaZulu FC, iCape Town City, iGolden Arrows neFree State Stars.
Udume ngekhono lakhe lokukwazi ukubamba ibhola asize ozakwabo abahlaselayo, okwamenza intandokazi yomqeqeshi uBenni McCarthy ngesikhathi bekwiCity nakuMaZulu.
Useshaye amagoli angu-40, wakhela ozakwabo angu-17 emidlalweni engu-272 ayidlale esigabeni esikhulu.
OLUNYE UDABA: IChiefs inunuselwa ngomgadli ‘othembisayo’
Khonamanjalo, owayengukaputeni weBaroka, u-Olaleng Shaku, ubuyela kuleli qembu ngemuva kokugawulwa yizembe kwePlatinum City Rovers ngesizini edlule.