IPirates isimtholile ebimfuna kwiStellies
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Orlando Pirates neStellenbosch FC sebefinyelele esivumelwaneni sokudayiselana ngoDeano van Rooyen.
AmaBhakabhaka kudingeke ukuthi abuye nesicelo esibuyekeziwe ngemuva kokuthi isicelo sawo sokuqala ngalo oneminyaka engu-27 sichithiwe.
Manje, sekusele ukuthi uVan Rooyen avumelane nePirates ngemihlomulo, ahlolwe bese kumenyezelwa ukusayinwa kwakhe kwiPirates.
Umbiko weSABC Sport uthi uVan Rooyen, osehlale iminyaka eyisishiyagalombili kwiStellenbosch, uyena owaveza isifiso sokushiya ayobhekana nezinselelo ezintsha.
Izinsolo zokuhamba kwakhe ziqine kakhulu ngesikhathi umqeqeshi uSteve Barker emshiya ebhentshini emdlalweni weMTN8 neTS Galaxy.
U-Van Rooyen ungene sekusele imizuzu emihlanu, iStellenbosch inqobe ngo 3-1 ukuze idlulele kowandulela owamanqamu.
Ngemuva komdlalo uBarker ubebuzwa ukuthi ngabe ukungamdlalisi kwakhe kungoba eselungiselela impilo ngaphandle kwakhe, waphika.
“Cha, ube nokuthinteka ezinsukwini ezimbalwa ezedlule – ngakho-ke bekuyindlela yokumvikela, nezimo zenkundla bezingavumi.”
OLUNYE UDABA: OweRichards Bay uveza ‘amanga’ kaRulani
Yize ekhulume kanje uBarker kodwa manje kubikwa ukuthi uVan Rooyen useya eGauteng ukuyojoyina i-Orlando Pirates.