UMokwena ufuna ukuthengelwa abedla ngaye kwiDowns
- Intatheli yeLISENETHINI
Phakathi kwabadlali afuna ukuthengelwa bona eqenjini lakhe elisha uRulani Mokwena, kukhona nesetehnjwa seMamelodi Sundowns.
UMokwena uhambe ishiphelene neSundowns, kodwa washeshe wavuka ngomsebenzi kwiWydad Athletic yaseMorocco.
Njengamanje umatasa nemizamo yokuqinisa iqembu lakhe njengoba ebekelwe ukuthi ayibuyisele kwiCaf Champions League ekupheleni kwesizini ezayo.
Lokhu engakwenza ngokuthi anqobe isicoco seBotola Pro League noma alale isibili kule ligi.
Yingakho ke efuna ukuqinisa iqembu lakhe. Okwamanje iWydad inesigwebo seFifa sokungasayini abadlali.
Nokho ngokubika kweSNL24, leli qembu lizoyilungisa maduze eyalesi sigwebo, bese ikwazi ukubhalisa abadlali abasha ebasayinayo.
Omunye wabadlali abaseqhulwini ohlwini lukaMokwena uKhuliso Mudau odlala emuva kwesokudla.
Lo mdlali udlondlobale kakhulu ngaphansi kukaMokwena kwiSundowns kumasizini amabili edlule.
Uze wagcina eheha amehlo amaqembu aseFrance nase-England njengoba ubedlala kahle naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.
“Akuyona imfihlo ukuthi umqeqeshi uRulani uyazifela ngoKhuliso,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Yingakho ke manje exoxa neqembu lakhe elinxenxa ukuthi lixoxisane neSundowns ngokudedela uMudau ayomjoyina eMorocco.
“Impela uke wafunwa eFrance nase-England kodwa okwamanje akukho okubambekayo ngakho angase aphelele eMorocco.
OLUNYE UDABA: OweSpurs uphawula ‘ngobuqili’ beChiefs ngoVelebayi
“Kodwa kuzokhokhwa. ISundowns isamdinga ngakho ngeke imdedele kalula kanjalo, ikakhulukazi ukuthi ayojoyina uRulani.”