EzintshaMamelodi Sundowns

UMngqithi uphawula ‘ngoshelwe amanzi’ kwiDowns

  • Sibongiseni Gumbi

Lona ngumyalezo womqeqeshi wakhe, uManqoba Mngqithi awuveze ngesikhathi ebuzwa ngalo mdlali oke wagijima kwi-Orlando Pirates ngoLwesihlanu.

ULorch uke waba ngundabamlonyeni kusukela ashiya kwiPirates waya kwiSundowns kungazelele muntu ngewindi lokudayiselana ngabadlali likaJanuwari.

Ulimale ngemuva kwemidlalo embalwa efikile kwiSundowns, kwadlula isikhashana wazifaka otakwini ngesikhathi efaka ividiyo yakhe ezijujuza namantombazane. 

Ngemuva kwalokho, ngesikhathi kuxoshwa uRulani Mokwena, kwavela amahlebezi okuthi ukusayina kukaLorch kube ngesinye sezizathu ezidale ukuthi axabane nabaphathi. 

Kwabikwa ukuthi abaphathi beSundowns babona sengathi uLorch usemdala kakhulu ukuthi angathengwa ngale mali akhishelwa yona, kodwa uMokwena waphikelela nakho. 

Futhi njengoba uMokwena engasekho kwiSundowns, kunovalo lokuthi uLorch angase azithole eseyinhlanzi eshelwe amanzi eChloorkop.

Kodwa uMngqithi uthi uLorch usesimweni esikahle ngokomqondo futhi uyasiqonda isibophezelo sokusebenzela aMasandawana. 

“ULorch usesimqeni esihle kakhulu ngokomqondo, besinaye nje nanamuhla ekuseni,” kusho uMngqithi. 

“Useqalile ukuzilolonga neqembu nakuba engakakwenzi konke ngokugcwele.

“Nguye, (uSipho) Mbule osamile ngenxa yokulimala okungatheni, (uMatias) Esquivel kungenzeka ukuthi abuye ngasekupheleni kwesonto. 

“Kodwa sikholwa wukuthi (uLorch) usendaweni enhle, uyaqonda ukuthi uqashwe yiSundowns, unomsebenzi okumele awufeze kwiSundowns. 

“Futhi uma engawenzi kwiSundowns sinabo abanye abadlali. Kuyimvelo ukuthi wonke umdlali afune ukulwela indawo yakhe.”