Abamkhathazi uShalulile abagadli abasha kwiDowns
- Sibongiseni GUMBI
Bayanda ababangisa uPeter Shalulile ijezi eqenjini elizoqala imidlalo kwiMamelodi Sundowns kulandela ukufika kuka-Arthur Sales noKobamelo Kodisang.
Bobabili laba badlali kulindeleke ukuthi benze ezibukwayo kuleli qembu laseChloorkop, okuqubule imibuzo ngendawo kaShalulile eqenjini.
Uma ikilabhu isayinisa abadlali endaweni yakho, lokho kuvamise ukuthathwa ngokuthi kukhona elingakuboni kahle ngawe.
Nokho-ke uShalulile akanayo nencane inkinga ngokungena emakethe kweSundowns ithenge abadlali abazombangisa ijezi.
Esikhundleni sokubona laba badlali njengabazombangisa, ubabona njengabazoqinisa iqembu.
UShalulile ukhulume okuhle kodwa ikakhulukazi ngomgadli odabuka eBrazil uSales.
Ugcizelele ukubaluleka komoya weqembu uma kuqhathaniswa nokuqhudelana kwabadlali ngabanye.
“Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu,” kusho uShalulile etshela iSuperSport TV.
“Akukho ngokuqhudelana kodwa ukuvumela uzakwethu ukuthi asize iqembu lenze kangcono kunalokhu ebelikwenza.
“Kumayelana nokubambisana futhi noma ubani odlalayo simfisela okuhle ukuthi asize iqembu lithole imiphumela edingekayo.”
Lokhu kuphendula kukaShalulile kugcizelela ukuzinikela kwakhe empumelelweni yeqembu kunokuzincoma yena.
OLUNYE UDABA: UMokwena ufuna ukuthengelwa abedla ngaye kwiDowns
Njengoba abadlali abasha bebheke ukuzibonakalisa, isipiliyoni nobuholi bukaShalulile buzobaluleka ekugcineni ukuzwana nokuqinisekisa ukuthi iSundowns iyaqhubeka nokudlondlobala enkundleni.