Isingenwa abazali eyofunwa yiChiefs kwelaseKapa
- Intatheli yeLISENETHINI
Abazali baka-Asanele Valebayi sebecele umhlangano neCape Town Spurs ngenhloso yokuzama ukuphoqa leli qembu ukuthi livume ukudayisa lo mdlali.
Kuvela ukuthi Uvelebayi usezimisele ngokujoyina iKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.
Ngenyanga edlule kubikwe ukuthi lezi zinkunzi zaseSoweto sezivule izingxoxo neSpurs ngoVelebayi.
IChiefs izimisele ngokusayina lo mdlali oneminyaka engu-21 ukuze aqinise isikwati sikaNasreddine Nabi.
Manje ngokweSABC Sport, iChiefs ithumele isicelo sayo sokuqala kuleli sonto, kodwa iSpurs isichithile.
Ukhathazekile ngalokhu, umndeni kaValebayi usunqume ukungenelela. Uthemba ukuthi iSpurs izomvumela uValebayi ukuthi afeze iphupho lakhe asayine kwiChiefs.
UValebayi uzimisele ngokushiya iSpurs ngemuva kokuthi iChiefs ithumele isicelo akholwa wukuthi sihle.
ISpurs idliwe yizembe njengoba isizodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.
“UValebayi nonina wakhe abaneme ngokuthi ayodlala esigabeni esiphansi ngaphambi ngesizini ka-2024/25,” kusho umbiko weSABC Sport.
Ukukhula kukaValebayi kubonakale ngesikhathi ebizelwa eqenjini leBafana Bafana elidlale kwiCosafa Cup.
IChiefs neSpurs basanda kuphetha isivumelwano sokudayiselana umdlali wasemuva uRushwin Dortley.
“Abazali bakaDortley kudingeke ukuthi bangelele ukuze bazame ukuphoqa isimo ngemuva kokuthi iSpurs neChiefs babengezwani ngemali.
“I-SABC Sport ikholwa wukuthi iChiefs ngeke iphele amandla. Ukungenelela komndeni kungase kwenze izingxoxo zivune yona.
OLUNYE UDABA: Isibheke ‘usuku lwenkululeko’ iRoyal AM
“UValebayi ulibeke kwacaca kwi-Urban Warriors ukuthi ufuna ukuhamba. Unina uzogcizelela kulokho,” kusho lo mbiko.