Noma engasidla, uMngqithi ngeke achome ngeseligi
- Sibongiseni Gumbi
Ukuwina iBetway Premiership ngeke kumgculise umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-53 usho lokhu ngesikhathi enengxoxo nabadlali basesiswini bakudala beSundowns uTeko Modise noHlompho Kekana kwiPitchside Podcast yaleli qembu.
UMngqithi ukholwa wukuthi ukunqoba iligi yasekhaya kumele kube yinto ejwayelekile kumaBrazilians ahlose ukuyinqoba okwesishiyagalombili kulandelana.
ISundowns iqede isizini edlule inesicoco sePremiership nese-African Football League kuphela ngaphansi komqeqeshi uRulani Mokwena.
Nokho sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili lezi zinkunzi zaseTshwane zagcina ukkuphakamisa isicoco seCaf Champions League.
UMngqithi, owaziwa ngokukhulumela, uzimisele ngokuthola umklomelo omkhulu kunawyo yonke ezwenikazi.
“Kumele kulindelwe ukuthi senze kahle kwiPSL, kodwa ukugxila kwami akukho ekwenzeni kahle kwiPSL, yingakho ngikhuluma ngendlela ehlukile yokudlala.
“Lapha ngisho indlela kungena ebhokisini ngamandla, ukuhlasela ngokuzuma, ukucindezela, nokuphaselana ngaphakathi naseduze kwebhokisi,” kusho uMngqithi.
“Iqiniso wukuthi akukhona ukuzama ukubusa iPSL ngoba yilokho vele okulindelekile, uma sikhuluma iqiniso.
“Awukwazi ukuziqhenya, ubange umsindo uma uphethe iPSL ngoba yilokho vele okulindelekile.
“Kodwa ngaphezu kwalokho, unomthwalo futhi kumele uzibuze ukuthi, ‘Ngabe ungayinqoba iChampions League?’
“Kimina, yiyonanto ebishoda, futhi uma ngikhuluma iqiniso, ngicabanga ukuthi sizoyinqoba,” kuphetha lo mqeqeshi.
OLUNYE UDABA: U-Aziz Ki uveza okwenza waziba iChiefs, waya kwiYanga
Ukugxila kukaMngqithi kuCaf Champions League kugcizelela izifiso ezibanzi zeSundowns futhi kukhombisa ukuzinikela kwakhe ekuphakamiseni izinga leqembu e-Afrika.