Kuvela okwenze uNgcobo agabhe Usuthu, aye kwiSekhukhune
- Alfred Ngubane
Imenenja kaNjabulo Ngcobo, uSiboniso Ngubane, isidalule ukuthi kungani lo mdlali wasemuva eqoke iSekhukhune United, washiya ezinye izesheli zinkemile.
Ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs ingayivuselelanga inkontileka yakhe, ikusasa likaNgcobo belingakacaci kwaze kwaba yilapho iSekhukhune imemezela ukuthi usesayinile kuyo.
“Usayine kwiSekhukhune United ngoba sikholwa wukuthi uzobuyelwa wukuzethemba ngemuva kokwenzeke kuye kwiKaizer Chiefs,” kusho uNgubane.
UNgubane utshele iLisenethini ukuthi ukudlala kwiCaf Confederation Cup kuzonikeza uNgcobo ithuba elihle lokubuyisa ukuzethemba.
Uthe inhloso yabo enkulu wukubona uNgcobo ebuyela eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
“Uma uNgcobo ebuyelwa wukuzethemba, angase abe nethuba lokudlala kwi-Africa Cup of Nations eseMorocco ngonyaka ozayo,” kwengeza uNgubane.
UNgcobo ujoyine iKaizer Chiefs esuka kwiMoroka Swallows kunesasa elikhulu ngaye kwazise wayenqobe indondo yePSL yokuba isitobha esivelele.
Nokho kwiKaizer Chiefs izinto azihambanga kahle. Umqeqeshi u-Arthur Zwane umbeke ebhentshini, encamela umdlali owakhuma ezinkulisa zeqembu uSiyabonga Ngezane kunaye.
“UNjabulo Ngcobo ugcine elahlekelwe yindawo yakhe kwiBafana Bafana ngenxa yokungadlali kwiKaizer Chiefs,” kuchaza uNgubane.
“Kodwa sisebenzela ukulungisa lokho. Sikholelwa ekutheni ukuya kwakhe kwiSekhukhune yikona okufanele, futhi uzobuyela kuloNjabulo Ngcobo esimazi sonke.”
Amaqembu amaningi okubalwa kuwo AmaZulu FC, Chippa United neCape Town City abemfuna uNgcobo.
OLUNYE UDABA: UMokoena ukhala ngethuba elimqoka alincishwa yiPirates
Nokho ugcine ewagabhile, wakhetha iSekhukhune United ezodlala kwiConfederation Cup ngesizini ezayo.