UPule uphumela obala ngokumhambise kwiPirates
- Intatheli yeLisenethini
I-Orlando Pirates idedele abadlali abayisishiyagalombili kuleli windi lokudayiselana ngabadlali, okukhona kubo nabebeyizintandokazi zabalandeli.
IPirates ibivele ikulungele ukuthatha izinqumo ezinkulu ngesikwati sayo, nokwakha kabusha ngaphambi kwesizini ezayo.
Ekuqaleni kwewindi lokuhwebelana ngabadlali iPirates idedele abadlali abayisithupha. OSouiabou Marou, uFortune Makaringe, uSiyabonga Mpontshane, uKermit Erasmus, uRichard Ofori noThabang Monare.
Babe sebefaka uVincent Pule ngokuhamba kwesikhathi. UPule akachithanga sikhathi wathola ikhaya elisha, wasayina kwiSuperSport United.
Lapho esephinde wahlangana nomqeqeshi wakhe wakudala ayesebenza naye kwiBidvest Wits uGavin Hunt.
UHunt ukhombise ukumethemba uPule, eqoka ukumsayinisa, wayeka uKeagan Dolly odedelwe yiKaizer Chiefs okuthiwa ubesezomsayina.
Lo mdlali odlala kwesokunxele, ekhuluma okokuqala esengumdlali weSuperSport, uchaze ukuthi kungani eshiye iPirates.
“Njengomdlali, uhlale ufuna ukuba senkundleni. Uma kungenzeki, ngaso sonke isikhathi kufanele usebenze kanzima ukuze uzithuthukise.
“Ngesizini edlule (kwiPirates), akwenzekanga lokho. Kule sizini, ngikwiSuperSport futhi ngijabule kakhulu futhi nginethemba lokuthola isikhathi esengeziwe sokudlala.
“Cha bengingajabule kwiPirates ngokngadlali). Into wukuthi uma ungekho enkundleni, ongakwenza wukujabulela abanye abadlali.
“Ngakho-ke kimina bekuwukweseka wonke umuntu odlalayo futhi uma nginikwa ithuba ngiqinisekise ukuthi ngiyalithatha,” usho kanje uPule kwabezindaba ngesonto elidlule.
IPirates ibe seyivala isikhala sikapule ngoGilberto obekwiPetro de Luanda ngemali elinganiselwa ku-R10-million.
OLUNYE UDABA: Izinguquko ezishaqisayo ngomqeqeshi kwiRichards Bay
Okuthathe amehlo wukuthi lo mdlali wase-Angola usefike wathatha ijezi elingunombolo 45 ebeligqokwa nguPule.