U-Arendse uveza okumchaze ngoPule koweBucs
- Intatheli yeLisenethini
Njengoba uVincent Pule sekulungele ukuba ngumdlali omqoka kwiSuperSport United kule sizini, iphini lomqeqeshi u-Andre Arendse unethemba elikhulu ngalo mdlali obegijima kwi-Orlando Pirates.
UPule ubonakale okokuqala edlala kwiSuperSport ngesikhathi bebhekene neqembu lakhe lakudala, iPirates, emdlalweni weMTN8 ngoMgqibelo.
Ebuyele e-Orlando Stadium okokuqala ngemuva kokushiya kwiBucs, uPule ubeyiphela endlebeni kubadlali basemuva kulo mdlalo.
Nguye oshaye igoli lokulinganisa eliphoqe umdlalo ukuthi ungene esikhathini esengeziwe, nakuba iPirates igcine inqobe ngo 3-1.
U-Arendse, ongene esikhundleni somqeqeshi ngesikhathi sekukhulunywa nabezindaba ngemuva kokukhishwa kukaGavin Hunt ngekhadi elibomvu, uncome amagalelo kaPule.
“Ungumdlali ongaba naye eqenjini lakho noma nini. Uke wasebenza nami noGavin phambilini, futhi siyazi ukuthi yini akwazi ukuyenza,” kuphawula u-Arendse.
“Sikubonile angakwenza ngesikhathi silungiselela isizini, ikakhulukazi emidlalweni yobungani. Simsebenzise ezindaweni ezahlukene eqenjini.
“Usinikeze okuhlukile ekuhlaseleni, ikakhulukazi ezimpondweni. Simfake ngemuva kukaBradley [Grobler] ngesikhathi esadlala, futhi udlale kahle.”
U-Arendse uphinde wancoma uPule ngendlela ahloniphe ngayo iPirates ahlale kuyo iminyaka eyisithupha.
Kule minyaka ayihlalile, uPule unqobe izicoco ezintathu zeMTN8 nezimbili zeNedbank Cup ngaphambi kokuthi ashiye ngesizini edlule.
UPule akazange ajabule ngesikhathi eshaya igoli lakhe ngesikhathi bebhekene nePirates, nokuyinto encomekayo ngokuka-Arendse.
“Ngimethulela isigqoko ngenhlonipho ayikhombise ngemuva kokushaya igoli ebhekene neqembu lakhe lakudala.
OLUNYE UDABA: Uncoma ukuzikhandla okumvulele amasango aseNaturena
“Kodwa vele lokho yindlela ayiyo uPule, futhi sizoba nesizini enhle njengoba sinomdlali onjengaye,” kuphetha u-Arendse.