EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs ayililahlile ithemba ngesitobha seStellies

  • Intatheli yeLisenethini

IChiefs ike yazama ukuncenga iStellies ukuthi iyidayisele umdlali wasemuva kwesokunxele, uFawaaz Basadien kodwa yachithwa. 

Kuthiwa iStellies yakubeka kwacaca ukuthi inezinhlelo eziqinile ngalo mdlali ngakho akekho emakethe okwamanje. 

Manje iChiefs seyijikele komuunye umdlali wasemuva kwiStellies, u-Ismael Toure okuthiwa maningi namanye amaqembu amhalelayo. 

UToure ube nesizini enhle ngedlule la ezibonakalise khona futhi iphele ebalwa kwabangase bathathe umkomelo wesitobha sonyaka. 

Manje iSNL24 ibika ukuthi lo mdlali uphezulu ohlwini lwabafunwa uNasredine Nabi kwiChiefs. 

“U-Ismael Toure usesohlwini lwabafunekayo emaqenjini ehlukene kanti neKaizer Chiefs ingelinye lawo,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Siyezwa ukuthi ukhona nasohlwini lwabafunwa amaqembu amakhulu i(Orlando) Pirates ne(Mamelodi) Sundowns. 

“Kulindeleke ukuthi iChiefs iqhubeke nemizamo yayo yokumthola yizeiStellies okusho kwacaca ukuthi ayizimisele ukudayisa kuleli windi.” 

IChiefs kusalindeleke ithole okungenani abanye abadlali abathathu ngaphezu kwabala esibasayinile.

Okwamanje leli qembu laseNaturena lisasayine oRushwin Dortley, uBongani Sam noGaston Sirino. 

UDotrley obekwiCape Town Spurs edliwe yizembe ngesizini edlule, kanti uSam ubekwiPirates kodwa ebolekiswe kwiMoroka Swallows. 

USirino yena ubekwiMamelodi Sundowns la abe nempumelelo emangalisayo khona.