AmaZuluEzintsha

Ufuna ukukhululwa onqaba ukwehliselwa umholo kuMaZulu

  • Alfred Ngubane

Kuvela ukuthi leli qembu alimile kahle ezimalini futhi selicele abadlali abathile ukuthi bavume ukwehliselwa imali yemihlomulo okubalwa kuyo nomholo.

UVeli Mothwa, ongunozinti wokuqina waMaZulu neBafana Bafana, kuthiwa wenqabile ukusayina ifomu elivumela ukuthi leli qembu limehlisele umholo. 

Lezi zindaba zifike ezindlebeni zeLisenethini ngomlomo wokunye wabasondelene nalo mdlali ocele singamdaluli. 

Uthi uMothwa usenxuse abaphathi beqembu laMaZulu FC ukuthi bamnikeze incwadi yokumkhulula ayozama kwamanye amaqembu.

“Akeneme neze futhi sekufike la eseze wacela khona ukuthi okungcono akakhululwe yena ayozama kwelinye iqembu,” kusho lo mthombo. 

Uphinde waveza ukuthi abadlali abahola kakhulu  kuMaZulu abavuselelwa izinkontileka zabo kusho umthombo.

Kuthiwa ukubhimba kwezinto kuqale ngokuthi leli qembu lilahlekelwe abaxhasi balo abese behlale isikhathi eside uSpar. 

“Kumanje siyasola ayikho ngisho imali yokuthenga abadlali abanohlonzo ngenxa yokuthi awanabo abaxhasi abangenisa imali eningi,” kusho umthombo.

Kuvela ukuthi iSpar beyiaka imali ebalwela ku-R2-million ngonyaka yokuxhasa AmaZulu. 

Ukushuba kwesimo semali kugqame ngokuthi AmaZulu afongqe isigqoko kwiMamelodi Sundowns, eyocela ukubolkwa abadlali ababili oLuvuyo Phewa no-Etiosa Ighodaro. 

Umengameli woSuthu, uSandile Zungu usanda kutshela abezindaba ukuthi kunzima ukuphatha iqembu, waphinde wavuma anamaphutha abawenzile. 

UPhilani Ndlela okhulumela AmaZulu FC uphike walala ngomhlane wathi kuyihlaya ukuthi uVeli Mothwa uyenqaba ukusayina ifomu. 

“Kuyihlaya lokho. Ubengeke adlale imidlalo yokuzilungiselela isizini entsha efana neKZN Premier’s Cup ukube ubenenkinga,” kusho uNdlela.