Unqotshwe elase-Algeria owokusayina uMayo
- Intatheli yeLisenethini
Iqembu lase-Algeria i-CR Belouizdad selimemezele ukuthi lisayinise omunye wabadlali abaphambili bakuleli, uKhanyisa Mayo osuka kwiCape Town City ngenkontileka yeminyaka emithathu.
UMayo, ongomunye wabadlali abanegama ebholeni laseNingizimu Afrika, umangaze abaningi ngalo mnyakazo wakhe wokuya kwiligi yase-Algeria.
Phela lo mdlali ubesechithe amaqembu amakhulu akuleli, enquma ukuhlala kwiCity ethi ufuna ukuya phesheya.
UKhanyisa Mayo, oyindodana yowayengumgadli weBafana Bafana, uPatrick Mayo, waqala ibhola kwiMthatha Bucks, lapho abonisa khona ithalente lakhe njengomgadli onohlonze.
Ukudlala kwakhe kudonse amehlo abaqoki babadlali bamaqembu esizwe abafana abancane la edlale khona ezigabeni ezehlukene.
Ngo-2019, uMayo wasayina kwiRichards Bay FC, lapho aqhubeka nokuthuthuka nokuzakhela igama.
Ngo-2021, umsebenzi kaMayo wathatha igxathu elibalulekile lapho ejoyina iCape Town City.
Eikhathini sakhe neqembu, lo mdlali owaziwa ngejubane nekhono lokushaya amagoli abalulekile, uMayo ube ngomunye wabadlali abamqoka.
Indlela adlale ngayo kwiCity igcine seyiheha amehlo amaqembu amakhulu obekuthiwa amfuna uthuli.
Okuqaphelekayo wukumataniswa kwakhe nezinkunzi zaseNingizimu Afrika iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
Kuke kwavela namahlebezi okuthi kunamaqembu ase-Europe naseMiddle East nawo avela ebuza ngalo mgadli.
OLUNYE UDABA: Kuhluleke noMakaab ekusizeni iChiefs ngoMokwana
Ngokuthuthela kwakhe kwi-CR Belouizdad, uMayo uzoqala isahluko esisha, esingamvulela nethuba lokubuyela kwiBafana Bafana.