Umacekeceke waMaZulu unesicelo esisodwa kuCijimpi
- Alfred Ngubane
U-Etiosa Ighodaro, ongumgadli odabuka eNigeria obolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaZulu FC, unesifiso esisodwa nje Osuthwini.
Lo mgadli, osentunte emaqenjini amaningi ebolekiswa, ubeyingxenye yabadlali abasha abathulwe AmaZulu ekuqaleni kwesonto.
ILisenethini ikwazile ukumdonsa ngengalo, imsuse eningini uukuze ixoxisane naye kahle kanti kulapho eveze khona isifiso sakhe esikhulu.
Uthe yena usekhathele wukuntanta emaqenjini ehlukene kanti ufisa ukuthi azakhele ikhaya azozina kulo kuMaZulu.
“Engikufisayo nengingakucela kumqeqeshi waMaZulu (uPablo Martin) wukuthi anginikeze isikhathi esanele enkundleni khona ngizokwenza umsebenzi engiwulethelwe wokushaya amagoli,” kusho u-Ighodaro.
Ngesizini edlule lo mgadli obebolekiswe kwiSuperSport United kodwa akazange asithole ngokwenele izikhathi sokudlala.
“Kube nzima kimi kwiSuperSport ngoba bengibanga ijezi nomgadli wakhona omdala futhi oyisethenjwa uBradley Grobler.
“UBradley Grobler ungumgadli onzima kakhulu futhi kunzima ukumdlela ijezi ngoba uwenza ngokuzinikela njalo umsebenzi wakhe.
“Ngifunde lukhulu kuye engizokusebenzisa nami ukuze ngigcine ngisendele ezingeni lakhe,” kuchaza yena.
U-Ighodaro uthe akakaze adlale esigabeni esikhokhelayo kwelakubo eNigeria kodwa wadlala kwi-Abuja College okuyilapho iSundowns yambona khona yabe seyimsayina.
Nokho kusukela asayina kwiSundowns, usalokhu ebolekiswa ngenhloso yokuthi athi ukuqina ukhakhayi.
Uqale ngokubolekiswa kwi-University of Pretoria ngesizini yakhe yokuqala, kweyesibili uye kwiChippa United, kwalandela iSuper Sport njengoba kulokhu esekuMaZulu nje.
Uma kuphela le sizini, inkontileka yakhe kwiSundowns iyaphela kanti yingakho efuna ukusebenza kahle kuMaZulu ukuze amthathe ngokugcwele.
OLUNYE UDABA: USeema uvula isifuba ngokubanjiswa udonga
Uzobanga ijezi noSenzo “Mbobho” Ndlovu waseMtshezi osanda kusayina Osuthwini, uJunior Sede Dion noBoniface Haba naye ofikayo kuleli qembu laseThekwini.