EzintshaKaizer Chiefs

UTovey usola uNabi ngokushaya isikhala zisuka nje

  • Alfred Ngubane

IChiefs iphinde yaba ngundabamlonyeni kuleli kulandela ukudlala indavundavu ihlulwa yiYoung Africans kwiToyota Cup ngempelasonto.

UTovey uvule isifuba ngobuholi bukaMaart ngesikhathi ekhuluma neLisenethini muva nje.

Le nkakha ibona sengathi umqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi ushaye isikhala ngokulinika uMaart ibhande. 

“Mina ngibona ukuthi uNasraddine Nabi ushaye isikhala ngokuqoka uMaart,” kusho le nkakha. “Mina ngimbona engenabo nhlobo ubuholi bokuhola iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs. 

“Ngicabanga ukuthi kuzomele abaqeqeshi nabaphathi beKaizer Chiefs balusukumele udaba lukakaputeni omusha ngoba lusemqoka kakhulu kubadlali.”

UMaart useke wathola ukugxekwa ngabahlaziyi bezemidlalo ngendlela adlala ngayo abathi ayigculisi neze. 

Nabanye babalandeli bayathimula ngaye, bathi akakwazi ukushayela isisu seChiefs, ayenze idlale kahle.

NoTovey uwakalise ukuthi akayizwa kahle indaba yakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi uTovey wayihola ngempumelelo iChiefs kusukela ngo-1993 kwaze kwaba u-1999. 

U-Itumeleng Khune obengukaputeni weChiefs waphucwa ibhande ngenxa yokungaziphathi kahle. 

Kumanje alikacaci kahle ikusasa likaKhune kwiChiefs   njengoba abaphathi bengakanqumi ngokusemthethweni ukuthi uzokwenzani njengoba eyekiswe ukudlala.