Usolwa ngokuxhuga sekupholile uPercy Tau
UPercy Tau usolwa ngokuzama ukuphoqa i-Al Ahly ukuthi imdedele njengoba kunamaqembu amfunayo amnunusela ngemali eshisiwe.
Ngokwemibiko eqhamuka e-Egypt, ubudlelwano bukaTau nomqeqeshi we-Al Ahly, uMarcel Koller sebuqala ukungabi buhle ngenza yezinto ezenziwa yilo mgadli weBafana Bafana.
UKoller kuthiwa nguye owavuma ukuthi iqembu lingamdayisa uTau uma nje lizomtholela omunye umdlali osezingeni lakhe ozovala isikhala.
Kuthiwa kusukela lapho ke, uTau usenokuzenza olimele ukuze angajimi, nokubonakala kuyindlela yokuthi iqembu limdedele.
Lokhu sekudale ukuthi angayidlali eminye yemidlalo yeqembu ngoba umqeqeshi ecikwa yilesi senzo sakhe.
Ingqapheli yebhola e-Egypt, uMedhat Shalaby, ukhulume esiteshini sikamabonakude, waveza ukuthi uTau useyadembesela.
“Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, kube nokungahambi kahle ebudlelwaneni bukaKoller noPercy Tau,” kusho uShalaby.
“UPercy Tau useyadembesela ejimini futhi useke ashiye ekhala ngokuthi ulimele.
“Lokhu kuyamcika uKoller futhi kwenza amshiye ngaphandle eqenjini eliqala imidlalo.”
Uqhube wathi lento kaTau iqale ngemuva kokuzwa ukuthi iqembu alinankinga ngokumdedela uma kuvela iqembu elimfunayo ngemali esile.
“UPercy Tau useyadembesela kusukela ezwa ukuthi uKoller akanankinga nokuthi adayiswe.”
OLUNYE UDABA: OwePirates akawuvali umlomo ngoGilberto
Kuvele nokuthi kuneqembu lase-United Arab Emirates elithembisa uTau u-R36-million ngonyaka.