U-Aziz Ki ugxeka uVilakazi weChiefs ‘ogxumagxuma nebhola’
Isihlabani seYoung Africans, uStephane Aziz Ki, sesigxeke ‘umdanso’ obewenziwa umdlali weKaizer Chiefs uMfundo Vilakazi ngempelasonto.
UVilakazi uqaliswe umdlalo umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi bebhekene neYanga emdlalweni weToyota Cup eBloemfontein ngeSonto.
Umdlalo uyisinde zisuka iChiefs futhi kwayiwa ekhefini seyilandela ngemuva ngo 2-0, umdlalo waphela ibhuquziswe ngo 4-0.
U-Aziz Ki ubengomunye wabebeyithwalise uthayela emoyeni iChiefs futhi washaya amagoli amabili kulo mdlalo.
Yize bebehlulwa, abadlali abasebancane beChiefs, okukhona kubo noVilakazi, bebeshaya izitayela zokujabulisa abalandeli.
“Ngiyawuuhlonipha umsebenzi wami. Ibhola umsebenzi wami. Ngiyalithanda ibhola,” ucashunwe esho kanje uKi kwiFARPost.
“Ibhola olibona emazingeni aphezulu… ngeke ubone uRonaldo noma ke yimuphi omunye umdlali osezingeni eliphezulu benza leyanto. Ukumosha isikhathi nje.”
U-Aziz Ki, odabuka eBurkina Faso uveze ukuphoxeka kwakhe ngalo mjiko, ebuka kakhulu obekwenziwa uVilakazi ngesikhathi iqembu lakhe lilandela emuva ngo 2-0.
“Uma ulandela ngemuva, bese wenza leyanto, umbhedo. Bengivele ngiphatheke kabi uma ngibona abadlali abasebancane benza leyanto. Ayiyinhle neze.”
U-Aziz Ki ungomunye wabadlali ababusiswe ngekhono lokujika kodwa ulisebenzisela ukusiza iqembu ngaso sonke isikhathi, hhayi ukufuna ukubukwa yedwa.
“Kimi, ibhola kumele lidlalwe liye phambili, uyalibamba, ulidlulisele komunye uzakwenu, hhayi ukugxumagxuma nalo.
“Uma wenza lokho umosha isikhathi kanti ebholeni umzuzwana nomzuzwana ubalulekile.
OLUNYE UDABA: UMngqithi ucacisa eyokungabonakali kukaWilliams kwiDowns
“Ngakho uma wenza leyanto, ngeke ukwazi ukuvula izikhala zokuphasela abanye. Kufana nokuthi awenzanga lutho.”