OwePirates akawuvali umlomo ngoGilberto
Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, uThabiso Monyane, ukhulume ngokufika komdlali osanda kusayina kuleli qembu, uGilberto.
Lo mdlali wase-Angola ujoyine lezi zinkunzi zaseSoweto ngenkontileka yeminyaka emithathu esuka kwiPetro de Luanda.
Kubikwa ukuthi iPirates ikhokhe imali ecela ko-R12 million ngalo mdlali, futhi uyijoyine ngesikhathi isekhempini yayo eSpain.
UMonyane uthi ujabule ngokusayinwa kwalo mdlali osevelele unegama ngakubo e-Angola.
“UGilberto ungumdlali othokozisayo, yilokho engingakusho. Unekhono kakhulu, uyashesha, futhi engingakusho kumaBhakabhaka ukuthi kuzoba yisizini emnandi,” kusho uMonyane.
“IHappy People (abalandeli bePirates) kumele iphinde ijabule, futhi kufanele ulindele iqembu elijabulisayo.
“Uke wadlala [emiqhudelwaneni yeCaf], ngakho unolwazi olungcono, ngakho-ke uzosisiza kokuningi.
“Nabadlali abadala nabo bazosiphusha, ngakho-ke sikubheke ngabomvu ukuqhubekela phambili njengeqembu.”
Lo mgadli, oneminyaka engu-23, ungomunye wabadlali ababili abakhulu abasayiniswe yiPirates kuze kube manje.
Omunye ngumdlali wasesiswini uSelaelo Rasebotja – ojoyine esuka kwiSuperSport United.
UMonyane ukholelwa wukuthi bangenza kangcono kunokunqoba iMTN8 neNedbank Cup kuphela kwisizini ka-2024/25.
“Yebo, kusobala ukuthi njengoba kuza abafana abasha, kumele bahlangane neqembu,
“Engingakusho nje ukuthi akukho okuhluke kakhulu – sibheke ngabomvu ukuncintisana nabo,” kusho yena.
“Futhi asifuni ukuphinda amaphutha esiwenze ngesizini edlule ngoba siyazi ukuthi kwenzekeni kwiCaf (Champions League).
OLUNYE UDABA: Onompempe bathembisa izinga eliphezulu kulokhu
“Sasheshe saguqa futhi sibheke ngabomvu ukuthi siqhubeke nokulwela ukuthola inkanyezi yesibili.”