Onompempe bathembisa izinga eliphezulu kulokhu
Umnyango obhekelele ukusebenza konompempe kwiSouth African Football Association (Safa) usuphothule umhlangano wokucobelelana ngolwazi nokulungiselela isizini ka-2024/25.
Kulo mhlangano onompempe bathole ukuthuthukiswa ngezindlela ezehlukene njengoba kube nezikhalo eziningi ngabo ngesizini edlule.
Lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi ubusePitoli kanti uthathe izinsuku ezingu-14.
Bangu-60 onompempe ababambe iqhaza emhlanganweni wokucobelelana ngolwazi kanti laba bazoba yingxenye yesigungu esizodlalisa imidlalo ngesizini ka-2024/25.
Phakathi kwezinto abafundiswe ngazo kulolu hlelo kubalwa imithetho yakamuva ye-Fifa, ukusebenzisana nokuziphatha.
Njengakunoma iyiphi inkundla yokucobelelana ngolwazi yabaphathi bemidlalo, baphinde bahlolwa nesimo semizimba.
Inhloko yonompempe kwiSafa, u-Adbul Ebrahim uthe sebeyibheke ngabomvu isizini ezayo futhi ukholelwa ukuthi onompempe bakulungele ngokugcwele ukwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu.
“Sihlale sibethelwa esiphambanweni ngamakilabhu nabalandeli,” kusho u-Ebrahim.
“Futhi ezikhathini eziningi kusuke kungafanele, kodwa sikholwa ukuthi sihlala sikhipha izinqumo ezingcono kakhulu ngesikhathi somdlalo,’’ kusho u-Ebrahim.
“Njengomuntu oke waba unompempe, ngiyayiqonda ingcindezi eza nalo msebenzi.
“Kodwa ngikholwa wukuthi onompempe bethu sebeyijwayele le ngcindezi ehambisana nezimo zomdlalo.
“Bayayiqonda imithetho yomdlalo futhi bahlale benikela ngakho konke okusemandleni abo.
“Lokhu kungakhathalekile ukuthi yiziphi izikhalo esihlangabezana nazo ezisuka kubalandeli nabanye abathintekayo.”
OLUNYE UDABA: U-Aziz Ki ugxeka uVilakazi weChiefs ‘ogxumagxuma nebhola’
Ukuthi izinga lonompempe linjani kule sizini kuzobonakala ngoMgqibelo uma sekuqala imidlalo yeMTN8.