Usuthu lwethule abadlali abasha, kodwa aluqedile ukusika
– Alfred Ngubane
AmaZulu FC ethule abadlali abahlanu abasha njengoba ezolungiselela isizini entsha.
Leli qembu leBetway Preiership elizinze eThekwini lihlose ukuqeda libalwa namaqembu amathathu aphezulu kwilogi.
Kulindelwe ukuthi laba badlali abasanda kusayinwa ukuthi babambe iqhaza elibalulekile ekufezeni lo mgomo.
Ngesizini edlule, Usuthu luqede ngaphandle kweTop 8 okuphoxe umengameli wekilabhu uSandile Zungu osezimisele ngokushintsha izinto.
Abadlali abasha abasayinisiwe baletha ingxube yesipiliyoni nethalente elisha eqenjini.
U-Etiosa Ighodaro noKwanda Mngonyama banesipiliyoni esibanzi sePremiership futhi kulindeleke ukuthi basheshe ngasibambe isitayela soSuthu.
USenzo “Mbhobho” Ndlovu noLuvuyo Phewa, nakuba benganamava atheni kuleli zinga kodwa bakhombise ikhono elikhulu emidlalweni yabo edlule futhi bazimisele ngokuzibonakalisa esigabeni esikhulu.
UBoniface Haba, ongumgadli osemncane, kulindeleke afike nesinongo esihlukile kuleli qemnbu.
UZungu uveze ukuthi abakaqedi ekusayiniseni abadlali njengoba kusekhona abanye abasaxoxa nabo.
Ngaphandle kokuqinisa isikwati sawo, AmaZulu amemezele i-Amandla Mobile njengabaxhasi bawo abasha, ngemuva kokuphela kobudlelwano babo besikhathi eside nabakwaSpar.
“Izinsiza esizithola kubaxhasi bethu zizosetshenziswa ukuze kuthuthukiswe AmaZulu. Ngakho-ke, siyabonga kubaxhasi,” kusho uZungu.
OLUNYE UDABA: UseseTunisia ‘okhathalile ukulinda iChiefs’
Kwethule nejezi elisha elizobe lisetshenziswa yileli qembu eliqanjwe igama lokuthi Isagila.