Sekulele kuNabi ngesihlabani esilaxazwe yiSundowns
Njengoba eqhubeka amahlebezi ngokuthi uGaston Sirino uzophelelaphi ngemuva kokushiya kwiMamelodi Sundowns, sekuvele ukuthi abaphathi beKaizer Chiefs bazomsayinisa kuphela uma umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi ebavumela.
Kubikwa ukuthi abaphathi balo mdlali wasesiswini onethalente sebeke bakhuluma neChiefs ne-Orlando Pirates ngokuthi ajoyine bona.
Ithuba lokujoyina iChiefs lisavulekile kulo mdlali wase-Uruguay, kubukeka emancane amathuba okuthi adlulele kwiPirates okwamanje
IChiefs isiqaphile isimo salo mdlali oneminyaka engu-33 kodwa ngokubika kwePhakaathi, isinqumo sokugcina sizothathwa uNabi.
“UGaston usezilolonga yedwa manje futhi usekulungele ukuthatha isinyathelo esilandelayo.
“Kodwa okwamanje akukho okubambekayo lapha eNingizimu Afrika,” kusho umthombo osondelene nalo mdlali.
“Bekungenzeka ukuthi abuyele eSouth America kodwa uncamela ukudlala kwiPSL kanti uma umqeqeshi omusha weChiefs emfuna, ukulungele ukusayina kuyona.
“Kuningi asafuna ukukwenza nakuba eneminyaka engu-33.”
OLUNYE UDABA: ICity idlala umacashelana ngofunwa elaseTunisia
ISuperSport United nayo bekunamahlebezi okuthi iyafuna uSirino kodwa ukusayiniswa kukaVincent Pule kubukeka sekusivalile isikhala ebinaso.