OweYanga uyitshele ezikabhoqo iChiefs ngezinga labadlali
Umqeqeshi weYoung Africans, uMiguel Gamondi, ukholwa ukuthi abalandeli beKaizer Chiefs akumele balindele lukhulu ngesizini ezayo ka-2024/25.
Lokhu ukusho ngemuva kokubukela iqembu lakhe lihlula Amakhosi ngo 4-0 emdlalweni weToyota Cup ngeSonto.
EzikaGamondi zihlule iChiefs eFree State Stadium, kanti le nsizwa eyake yaba ngumqeqeshi weMamelodi Sundowns, iyalingabaza izinga labadlali abaseqenjini likaNasreddine Nabi.
“Awukwazi ukuba yiqembu elikhulu ngobusuku obubodwa,” kusho uGamondi.
“Ngokubona kwami okulindelwe kukhulu kakhulu. Mina ngithi njalo ebholeni uyabadinga abadlali.
“Ngisho no(Pep) Guardiola, ngempumelelo yakhe kwiBarcelona, Bayern Munich naseManchester City, kukhulunywa ngabadlali.
“Ngincamela ukuqala kancane ngakhe, ngingacabangi kakhulu. Namuhla ngombono weqhinga sinike (iChiefs) isifundo ngendlela yokudlala imidlalo yamazwe ngamazwe.
“Udinga isipiliyoni futhi iChiefs ifake abadlali abasebancane abane noma abahlanu, ngeke ulindele ukunqoba kuleli zinga eliphezulu ngabadlali abancane.”
UNabi unikeze ithuba uSamkelo Zwane, uMfundo Vilakazi, uMduduzi Shabalala noNkosana Mbuthu zisuka nje bebhekene neYoung Africans.
“Emaqenjini amakhulu kunzima ukuphatha ngendlela elindelekile,” kwengeza uGamondi.
“Ngikhulumile nomqeqeshi (uNabi) futhi mningi umsebenzi okufanele wenziwe.
“Ngicabanga ukuthi uma befuna ukuqhudelana neSundowns noma iPirates kufanele bathuthuke kakhulu.
“Akulula. Abaqeqeshi bangasebenza, kodwa uma ungenabo abadlali abasezingeni, kuba kunzima.
“Ngokwalokhu engikubonile namuhla, umphumela awubalulekile, kodwa uma ungawakhi amathuba…
“Ngiyethemba ukuthi umqeqeshi uNabi neChiefs bangasilawula lesi simo, kodwa ngokubona kwami kumele bakhe kancane kancane.”
Ngesizini edlule izinto zibhimbe kakhulu kwiChiefs njengoba iqede endaweni yeshumi kwiBetway Premiership.
“Awukwazi ukukushintsha isimo uma ungabalethi abadlali (abasezingeni).
“Kufanele balawule okulindelekile, ikakhulukazi abalandeli, kufanele babhekane neqiniso ngokuthi iqembu libhekephi.
OLUNYE UDABA: Usuthu lwethule abadlali abasha, kodwa aluqedile ukusika
“Kimina lena yisizini yoshintsho kwiChiefs. Awukwazi ukuchitha iminyaka eyishumi ungekho esimweni esihle, futhi ungathengi abadlali, kodwa ulindele ukuba ngompetha.”