OwePirates uchaza ingcindezi abazifake bona kuyo
Isihlabani se-Orlando Pirates, uDeon Hotto, sithi bafuna ukunqoba iligi futhi sinomuzwa wokuthi umqeqeshi uJose Riveiro ‘usejwayele manje’ ngaphambi kwesizini yakhe yesithathu kuleli qembu.
Lo mdlali oneminyaka engu-33 ubelokhu eyinsika eqenjini lePirates kusukela efikile esuka kwiBidvest Wits ngo-2020.
Kumanje usenqobe imiqhudelwano yezindebe ezinhlanu nePirates kulesi sikhathi ekuyo.
Nokho iligi isabaphambile kusukela ngesizini ka-2011/12, kodwa lesi sihlabani saseNamibia sibona sengathi sebekulungele ukukujika lokho.
“Ukukhuluma iqiniso, kithina, akuyona inkinga enkulu ukuvikela iMTN8 neNedbank Cup,” kusho uHotto muba nje.
“Kithina okubalulekile yiligi neChampions League, yilokho nje okubalulekile.
“Izingxoxo zethu (ngaphambi kokuqala kwesizini) zimayelana nokulwela]iligi neChampions League.
“Ngakho-ke, yilokho esifuna ukukwenza ngoba siyazi ukuthi singazinqoba kanjani ezinye izindebe zasekhaya.”
UHotto usedlale ezindaweni ezahlukene kusukela ejoyine iPirates, kusukela ophikweni lwesokunxele, kwesokudla, kwesokunxele emuva ngisho baphambili imbala.
Futhi ukuzinikela kwakhe akukaze kwangatshazwa. Useshaye amagoli angu-21 emidlalweni engu-166 kuyo yonke imiqhudelwano.
Ubukeka ezoba yingxenye ebalulekile yeqembu ngesipiliyoni sakhe esikhulu.
“Yebo impela (siqine ngokwanele ukuqhudelana neSundowns) kuwumsebenzi nakumqeqeshi, manje ukwisizini yakhe yesithathu.
“Ubezama ukuthola isiko leqembu, nendlela yokuhlela iqembu – uyabona ukuthi uzizwa ekhululekile manje, usesekhaya,” kuchaza uHotto.
“Uyakwazi okumele akwenze kule sizini ezayo futhi thina njengabadlali sikhona ukuzomeseka nethimba lakhe.
“Kukhona ingcindezi yonke indawo, akunandaba ukuthi ukuphi, noma udlala kuphi.
“Futhi akusho ukuthi sifuna ukuwinela umqeqeshi iligi, sifuna ukuziwinela yona thina uqobo nabalandeli, nosihlalo.
“Ingcindezi ihlezi ikhona futhi ingcindezi esiyithathayo kule sizini ezayo yingcindezi yokuzama ukusuka emdlalweni wokuqala kuya kowokugcina.
Sifuna ukuba phezulu kwilogi, yingcindezi evela kithina, hhayi kubalandeli noma usihlalo.
“Kodwa njengabadlali, sifuna ukuba phezulu kusukela emdlalweni wokuqala kuya kowokugcina.”
OLUNYE UDABA: ISundowns ibuyisa umdlali obeselibalekile
AmaBhakabhaka azovula isizini entsha ngomdlalo weMTN8 neSuperSport United ngoMgqibelo e-Orlando Stadium.