Okwenza uMngqithi aqine idolo ngeDowns
Ubuye egcwele ukuzethemba ukuthi iqembu lakhe lizilungiselele kahle uManqoba Mngqithi weMamelodi Sundonws.
ISundowns ihlale amasonto amabili e-Austria la beyikhempe khona izicijela ukuqala kwesizini ebhekwe ngabomvu.
Leli qembu livale uhambo lwalo ngokunqoba kulandelana ibhekene ne-Al Arabi ne-Al-Hilal.
UMngqithi usale ehlabeke umxhwele ngendlela iqembu lakhe elenze ngayo njengoba kusondela ukuqala kwesizini entsha.
Umdlalo wokuqala wesizini weSundowns uqoshelwe u-Agasti 11 la izobhekana khona nePolokwane City kwiMTN8.
“Ukukhuluma iqiniso, angiphathekanga kabi ngemiphumela emibili yokuqala…
“Ngicabanga ukuthi emdlalweni wokuqala iqembu lidlale kabi kakhulu.
“Mhlawumbe lokho bekungenxa yohambo olude nokuvuka ngakusasa sisebenze, saphinde sadlala nomdlalo.
“Ngicabanga ukuthi kwakuwukuzibulala kancane ngoba sasingekho esimweni esifanele,” kusho uMngqithi.
“Ukuhlulwa yiKiev akubanga wukulahlekelwa kimina ngoba ngicabanga ukuthi kulowo mdlalo sidlale kahle kakhulu futhi sakha inqwaba yamathuba.
“Yilapho ngaqala khona ukubona ukuthi luyangena uhlaka lwethu nomsebenzi wabaqeqeshi, nophiko olulolonga imizimba yabadlali.
“Uma ubheka indlela leli qembu eligijima ngayo, kuyakhombisa ukuthi siyakha futhi bekungaba kuhle ukuthi siphinde sibe nomdlalo owodwa noma emibili ukusuka lapha.
“Kodwa sinethemba elikhulu lokuthi iqembu liyahlangana futhi kimina. umbono oqotho, ngicabanga ukuthi cishe sesifikile.”
OLUNYE UDABA: Ushaye eceleni uMokwena ngamfuna kwiYanga
Labo mpetha abavikela isicoco seBetway Premiership babuyele eNingizimu Afrika ngoMgqibelo odlule ukuzoqedela amalungiselelo ngaphambi kwesizini entsha.