DStv PremiershipEzintsha

Lisagaxele esigwebeni seFifa elePSL eselisayine inqwaba 

I-TS Galaxy, kaTim Sukazi, kuvela ukuthi ayikaphumi esigwebeni esiyivimbela ukubhalisa abadlali abasha.

Lesi sigwebo yasithola kulandela ukuhluleka kwayo ukugcina izimfanelo ngomgadli eyamxosha uBernard Kouassi.

Umenagmeli weqembu, uSukazi, wayethe uzosiqeda lesi sigwebo ngokuthi ayikhokhe imali abayikweleta lo mgadli. 

Kodwa ngoMsombuluko kuvele ukuthi isamkweleta uKouassi uR1.8-milion futhi isigwebo sisamile. 

Leli qembu lizokudinga ke ukusayina abadlali njengoba lisanda kudedela onozinti baloo ababili – uVasilije Kolak noFiacre Ntwari.

UKolak udedelwe kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe, kanti uNtwari udayiselwe iKazier Chiefs. 

Manje lokhu kuzolifaka kwenkulu inkinga leli qembu uma ligcina lihluleka ukukhokha le mali bese kususwa isigwebo salo. 

Esikhundleni salabo nozinti elibadedelile, belisayine u-Ira Tape Eliezer nabanye abadlali okukhona kubo oQobolwakhe Sibanda noSiphesihle Maduna. 

Elinye iqembu lakuleli elisenkingeni efanayo neGalaxy yiRoyal AM kaShauwn Mkhize eyagwetshelwa ukukweleta uSamir Nurkovic noRicardo Nascimento.