ISundowns ibuyisa umdlali obeselibalekile
IMamelodi Sundowns isithathe isinqumo esingalindelekile ngekusasa lomdlali ongakaze adlale kuleli qembu cishe iminyaka emibili manje.
Umdlali wasesiswini oneminyaka engu-28 odabuka eBolivia, u-Erwin Saavedra ujoyine amaBrazilians esuka eBolivar ngo-2022.
Kwabikwa ukuthi leli qembu lakhokha u-R12-million ngalo mdlali ngesikhathi limsayina.
Ngaphezu kwale mali enkulu eyakhokhwa ngaye, uSaavedra wahluleka ukufinyelela ezingeni ayebhekwe kulo ngesizini yakhe yokuqala kule kilabhu yaseChloorkop.
Lo mdlali wasophikweni onekhono elihle ubonakale kane kuphela engxenyeni yesibili yesizini ka-2021/22.
Isikhathi esinzima sikaSaavedra eNingizimu Afrika sanezezelwa wukulimala okwenza iSundowns imbuyisele ekhaya ukuthi ayolulamela khona.
Kuthe uma eseluleme leli qembu labe selimbolekisa kuleli qembu eyayimthenge kulo ukuze abuyele esimweni esifanele.
Manje, iSundowns isiphinde yambiza kanti ihlela ukumsebenzisa lo mdlali ngesizini ezayo.
Lokhu kuvezwe iBolivar, ekuqinisekisile esitatimendeni esisemthethweni ukuthi uSaavedra uzobuyela kwiMamelodi Sundowns ngesizini ezayo.
ISundowns izovula isahluko esisha emlandweni wayo oqhakazile ngesizini ezayo njengoba ishintshe izinto ethimbeni labaqeqeshi.
OLUNYE UDABA: Sekulele kuNabi ngesihlabani esilaxazwe yiSundowns
Iqembu lenze izinguquko ezinkulu ngemuva kokuvalwa kwesizini edlule.