EzintshaKaizer Chiefs

Inkakha ‘ijabule’ ngenduku etholwe yiChiefs kwiYanga

Lena yindlela inkakha yeChiefs, uMarks Maponyane ayibuka ngayo indaba yokudliwa kwaleli qembu ngo 4-0 yiYanga kulo mdlalo obuseBloemfontein ngeSonto. 

Bekuwumdlalo wokuqala womqeqeshi omusha weChiefs, uNasreddine Nabi kuleli, kanti uMaponyane akabanga nankinga nokushaywa kwakhe. 

“Kahleni, akufanele sibukisise umphumela ka 4-0, awusho lutho” usho kanje uMaponyane kwiRadio 2000 ngoMsombuluko ebusuku.

“Ukube iChiefs inqobile, besizozitshela ukuthi sekulungile. Lona bekungumdlalo nje wokulungiselela isizini futhi bebebhekene neqembu eselidlale ndawonye isikhathi eside. 

IChiefs iqale umdlalo ibophele abadlali abasebancane okungenani abahlanu, kanti abanye babo kubonakalile ukuthi inkonyane isathuka isisinga. 

“Abadlali abancane badlale kahle, ikakhulukazi u(Nkosana) Mbuthu ngesikhathi esekhushulelwe esiswini. 

“Umqeqeshi umgcinile emdlalweni, wamnika ukuzethemba ngisho nangemuva kwephutha alenzile (eliholele egolini lesibili).”

Into engayithandanga ngalaba bafana abancane uuMaponyane wumjiko wokuchoma, ongenasidingo nongalisizi iqembu. 

“Kodwa umjiko wokuchoma akuyona into yami. Ngiyazi abanye yisitayela saseMzansi, kodwa kwenziwelani iqembu lihlulwa? 

“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi kumele ashaye phansi ngonyawo (akuvale lokho).”