UGamondi uxwayisa uMokwena ngenselelo azifake kuyo kwiWydad
– Intatheli yeLisenethini
Uqeqeshi weYanga SC uMiguel Gamondi useseke ukufudukela kukaRulani Mokwena kwiWydad Athletic Club.
Kodwa umxwayise nangezingqinamba angase abhekane nazo ebholeni laseMorocco.
UMokwena, oneminyaka engu-37, usayine inkontileka yeminyaka emithathu kuleli qembu eselinqobe iCaf Champions League amahlandla amathathu kulandela ukushiya kwakhe kwiMamelodi Sundowns kungazelelwe.
UGamondi, onesipiliyoni sokuqeqesha eNingizimu Afrika naseMorocco, useMzansi neYanga SC ezobhekana neKaizer Chiefs kwiToyota Cup ngeSonto.
“Okokuqala, ngijabule kakhulu ukuthi uRulani uye eMorocco,” kusho uGamondi kwabezindaba ngaphambi komdlalo weChiefs.
“Ngeke kube lula ngoba njengoba nani nazi, ibhola laseNyakatho ne-Afrika linzima, ikakhulukazi eMorocco.
“Ngaphezu kwalokho akusona isikhathi esihle kakhulu manje (kwiWydad), ayenzi kahle ngakho akusona isikhathi esihle sokuya kwiWydad.
“Angikwazi ukweluleka! Ngimfisela konke okuhle, unenhlanhla futhi ngiyazi ukuthi ukhuthele futhi udinga ukwazi iligi kuqala – lokhu kubalulekile,” kwengeza yena.
Nakwiligi asebenza kuyo uGamondi yaseTanzania, kunomqeqeshi osemncane wakuleli othathwe yiqembu elikhulu.
UFadlu Davids uqeqesha izinkunzi zaseTanzania eziyizimbangi ezinkulu zeYanga, iSimba SC.
“Ngijabule kakhulu uma ngibona abaqeqeshi baseNingizimu Afrika beya phesheya ngoba njengakwiSimba ngokunjalo – uFadlu Davids.
“Ubengumdlali ngesikhathi ngisekwiSundowns nakwiPlatinum Stars.
“Ngijabule kakhulu ngoba ibhola laseNingizimu Afrika liyakhula ngasohlangothini lwabaqeqeshi.
“Akuyena uPitso [Mosimane] kuphela, kodwa manje sekunabanye abaqeqeshi.
“Kodwa ngicabanga ukuthi ngimfisela konke (uMokwena) okuhle kodwa ngeke kufane nangesikhathi ethatha iSundowns.
OLUNYE UDABA: UNabi uveza imizwa yakhe ngezinga labadlali kwiChiefs
“Ngenye iWydad Casablanca. Ngazi kahle kakhulu. Ngasebenza kwiSundowns… ngiyaxolisa, kwiWydad kuzoba nzima futhi kakhulu.”