Iyavuthwa ekaZungu ebheke kwiWydad
Umqeqeshi weWydad, uRulani Mokwena, uzimisele ngokuqinisa iqembu lakhe ngokuletha omunye wabadlali abamazi kahle.
Esithangamini sabezindaba sakamuva, uMokwena uqinisekise izingxoxo eziqhubekayo noBongani Zungu, umdlali wasesiswini onekhono odedelwe yiMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule.
UZungu, owaziwa ngokuphasa kahle nekhono lokumaka esiswini, ungomunye wabadlali abamqoka uMokwena abasayine ngesikhathi esekwiSundowns.
Inkolelo kaMokwena ekhonweni likaZungu isamile, nokuholele ekutheni alande lo mdlali wasesiswini amlethe kwiWydad.
Ngokubika kwe-Unplayable, abangaphakathi ekilabhini banethemba, baveza ukuthi sekusele amathizethize kuphela ukuthi kuqedwe izingxoxo.
“UBongani ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi onesipiliyoni. Uyayiqonda ifilosofi yami futhi uzoba yisithako esibalulekile eqenjini lethu,” kuphawula uMokwena ngoZungu,
UZungu udedelwe kwiSundowns esehlale amasizini amabili kulandela ukubuya kwakhe phesheya.
OLUNYE UDABA: U-Etafia uyamethemba uNtwari ‘onengcindezi embi’ kwiChiefs
Ukuthuthela kwakhe kwiWydad kubukeka njengesiqalo esisha, esimnikeza ithuba lokuqhubeka nomsebenzi wakhe ngaphansi komqeqeshi amjwayele.