EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uveza imizwa yakhe ngezinga labadlali kwiChiefs

IChiefs yagcina ukunqoba indebe ngesizini ka-2014/15, ngesikhathi umqeqeshi kunguStuart Baxter. 

Yadla izindebe ezimbili ngaleyo sizini, okungeseligi neseMTN8.

Ekhuluma esizwa ngobehumusha, lo mqeqeshi onobuzwe baseTunisia nobaseBelgium, uthe Amakhosi akufanele ukuthi leli qembu ngabe libheke nalesi somiso. 

“Uma sibheka igama elithi Kaizer Chiefs nokuthi ikilabhu inkulu kangakanani eNingizimu Afrika, akwamukelekile neze ukuthi ingabi naso isicoco eminyakeni eyisishiyagalolunye,” kusho uNabi. 

“Ikakhulukazi ngoba iqembu linabalandeli abaningi futhi lidlala enkundleni enkulu eNingizimu Afrika nase-Afrika.”

Sekuphele iminyaka kungatshazwa izinga labadlali kwiChiefs njengoba leli qembu elikhona njengamanje libonakala uma liqhathaniswa nelezimbangi zalo iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. 

UNabi uthi wonke umuntu ekilabhini, kusukela kubaphathi kuya kubalandeli, kumele abe neqiniso ngalokho abakulindele.

“Isithombe salapho kufanele ikilabhu ibe khona nalapho ibikade ikhona, nokuthi ikilabhu inkulu kangakanani, ikakhulukazi ukungabi naso isicoco esikhathini eside yikona okungenze ngafisa ukuza lapha… 

“Ngidinga ukubuyisela ikilabhu lapho kufanele ibe khona. Sidinga isu eliphusile ukusiza ikilabhu, futhi sidinga ukwethembeka kithina nakubalandeli bethu.

“Kumele sibheke izinga lethu ngaphandle kwemizwa, sidinga ukubheka lokho esinakho okwamanje ngaphandle kokuba nemizwa.”