UGamondi uyenqaba ngobehalelwa yiChiefs
– Intatheli yeLisenethini
IKaizer Chiefs beyike yamataniswa nomdlali wasesiswini weYoung Africans, uMaxi MNzengeli kodwa ngathi ngeke imthole.
Umqeqeshi weYanga, uMiguel Gamondi uthi ushaye phansi ngonyawo, watshela abaphathi ukuthi akukho mdlali wakhe ozohamba.
Ngokubika kwephendaba laseTanzania, iThe Citizen, iChiefs beyizama ukusonta ingalo yeYanga ukuze ibadedelele uNzengeli.
“Ngeke sivumele noma yimuphi umdlali ukuba ashiye njengamanje,” kusho uGamondi ujma ebuzwa ngalesi sicelo seChiefs.
“Into engeza sishode ngaye wukuthi alimale, hhayi ukuthi adayiswe.
“Ukuhlanganisa kwethu iqembu kwenziwe ngoba sinezifiso ezinqala esizibekele zona.
“Yize sesithole izicelo eziningi ezivela kwabafuna ukudayiselwa abanye babadlali bethu abayizihlabani, sinqabile.
“Esikhundleni sokucabanga ngokubadayisa, sizame izindlela zokubagcina isikhathi eside ukuzr izinhlelo zethu zesizini ezayo zizoqina.”
UGamondi uthe ukugcina iqembu lakhe lindawonye yinto ebalulekile njengoba benezinhloso abafisa ukuzifeza kule sizini ezayo.
“Ukubangwa kwezindawo zokuqala umdlalo eqenjini lami kuhle kakhulu, yinto engijabulisayo.
“Kwenza abadlali bafake amandla athe xaxa futhi bakulwele ukungena eqenjini eliqala imidlalo.
OLUNYE UDABA: Seziqhathiwe kwiMTN8, kosiphuka izidindi
“Lokho kubalulekile kubadlali njengoba sihlose ukufeza esizibekele ukuthi sikuzuze,” kuchaza lo mqeqeshi.