UKhoza ucacisa eyokuthengiswa kwamaqembu kwiPSL
– Sibongiseni Gumbi
Usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, usezivikele kwabagxeka le nhlangano ngokuvumela ukudayiswa kwamaqembu osekuyinsakavukela muva nje.
Amaqembu anomlando afana neBidvest Wits, iBloemfontein Celtic, iHighlands Park neMoroka Swallows asanda kuthengiswa.
Lokhu kushiye umuzwa ongemuhlule kubalandeli nezingqapheli zebhola, bekhala ngokulahleka komlando ngokuphela kwalamaqembu.
Ekhuluma ngesikhathi kumenyezelwa iBetway njengabaxhasi abasha beligi ngoLwesithathu, uKhoza uyivikele iPSL kulokhu.
“Ngaso sonke isikhathi sizama ngakho konke okusemandleni ukugcina umlando nesiko leqembu,” kuchaza uKhoza kwabezindaba.
“Sisuke sithe kubaxhasi, ‘Uzothola iligi yamaqembu angu-16’, ngakho ngeke sikwazi ukujika sibe namaqembu angu-15.
“Lokho kuwukwephula umthetho. Ingagcina isiphelile (iligi). Kufanele senzeni?
“Kuyinselelo esinayo,” kuchaza uKhoza okuvela amahlebezi okuthi uzoshiya maduze kulesi sikhundla sakhe.
Uphinde wakhuluma nangamahlebezi okuthi kunamaqembu athola abaxhasi kodwa iPSL yabachitha.
“Siyisizwe esithanda ukukhononda. Futhi asilikhulumi iqiniso. Ngeke ngikhulume ngelami iqembu,” kusho uKhoza.
“Sinamaqembu afana neKaizer Chiefs, iGolden Arrows, iStellenbosch ne-Orlando Pirates axhaswe yizinkampani zokubheja.
“Ibhola linemithetho elilawulayo, uma uyazi imithetho, futhi uyilandela kahle, awubi nankinga.”
Uthe kolweSwallows waludingida nenkampani eyayifuna ukuyixhasa, kwala khona ukuthi kukhona la beshayisana khona nemithetho.
“Asixoshi muntu. UMogashoa (obengusihlalo weSwallows) wabhala incwadi waxolisa (ngokuthi wathi iPSL yaxosha abaxhasi bakhe).
“Wakhuluma iqiniso, washo ukuthi akakwazanga ukufikelela kweminye yemithetho.
“Senza izinto ngendlela efanele, kuyimfanelo yethu ukusiza amaqembu athole abaxhasi.
OLUNYE UDABA: Ayisacaci kahle ekaRamovic neRaja, uSukazi akayingeni
“Lapho iqembu lizama khona ukusizwa, silaleseka ngayo yonke indlela esikwazi ngayo.”