Kugxumagxuma inhliziyo kuDoctor Khumalo ngoNabi kwiChiefs
– Intatheli yeLisenethini
Isilomo sakudala seBafana Bafana neKaizer Chiefs, uDoctor Khumalo, sesiveze indlela esicabanga ukuthi Amakhosi azobukeka ngayo ngesizini ezayo ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.
UKhumalo uthi ukholwa wukuthi Amakhosi azobe ehluke kakhulu uma eqhathaniswa nakudala.
Lo mqeqeshi odabuka eTunisia uthathe izintambo zokuqeqesha kwiChiefs ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emibili wafika namalungu amane ethimba lakhe elizomsiza ukubuyisa izinsuku zenjabulo.
UNabi neChiefs babuyele kuleli ngoLwesithathu ngemuva kwekhempu yamasonto amathathu yokulungiselela ukuqala kwesizini eTurkey.
UKhumalo unethemba ngokuthi iChiefs izokwenza kahle kule sizini ezayo.
“Uma ubheka iKaizer Chiefs, yebo, ngiyaqonda ukuthi sekuphele iminyaka ingekho indebe. Wonke amakilabhu ayadlula esimweni esifanayo,” kusho uKhumalo kwiSowetan.
“I-Liverpool ike yabhekana nalokhu namanye amaqembu ase-Europe, kodwa ngikholwa kakhulu ukuthi ngohlobo lwethimba labaqeqeshi abalilandile, kungenzeka lishintshe izinto eqenjini.
“Abadlali sebezoqala ukudlala, angisho ukuthi bebengadlali, bekuyisigaba sebhola abebebhekene naso.
“Engikubonile ngokubheka ama-CV abaqeqeshi kubukeka sengathi sibheke kwisizini enhle.”
OLUNYE UDABA:Â UKomphela ucacisa eyohlelo lweSundowns e-Austria
UNabi kulindeleke ukuthi akhombise isandla sakhe emdlalweni weToyota Cup lapho iChiefs izobhekana neYanga yaseTanzania eFree State Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.