EzintshaKaizer Chiefs

ICeltic ikhiphe eliqinile elizobhekana neChiefs kowezinkakha

Lo mdlalo wezinkakha uzobe ubhulela amazolo umdlalo wosuku eToyota Stadium, eBloemfontein ngoMgqibelo.

Izinkunzi ezimbili zase-Afrika iKaizer Chiefs kanye neYoung Africans yaseTanzania zizodudulana emdlalweni omkhulu ozokuba ngo-3 ntambama.

Kodwa omunye umdlalo nokungangabazeki ukuthi uzobuyisa izinkumbulo zakudala kubalandeli, uzoba ngo-12.30 emini.

Lo mdlalo uzoba phakathi kwePhunya Sele Sele naMakhosi okuzoba owokuhlonipha umengameli weBloemfontein Celtic uDkt. Petrus Molemela.

 ISiwelele sikhiphe wonke amangwevu ngendathane yezihlabani zakudala ezizoyimela kulo mdlalo.

Ezintini kubekwe lowo owayeseqenjini leBafana Bafana eladlala eNdebeni yoMhlaba ka-2010, uShuaib Walters. 

Kukhona nezinkakha ezazakhela igama nezingasoze zalibaleka kubalandeli beCeltic ezifana noThabo ‘Mr Cool’ Nthethe, uJames Madidilane, Elias noMoses ‘Mara’ Spandiel.  

 Selilonke iqembu lezinkakha zeBloemfontein Celtic lihlelwe kanje:

  •  UNOZINTI: Shuaib Walters
  • IZITOBHA: James Madidilane, Elias Ngwepe, Thabo Nthethe, Timothy Batabaire, Ditheko Mototo
  • ESISWINI: Solly Mathe, David Modise, Mark Mayambela, Styles Taaibos, Daniel Matsau, Musa Nyatama, Moses Spandiel
  • ABAGADLI: Aaron Lepele, Patrick Malokase, Lebohang Kukame.

Elezinkakha zeKaizer Chiefs lona lihlelwe kanje: 

  • ONOZINTI: Brian Baloyi, Tladi Mathibe
  • IZITOOBHA: Cyril Nzama, Bevin Fransman, Morgan Gould, Tsepo Masilela, Derrick Spencer, Fabian McCarthy
  • ESISWINI: Siphiwe Tshabalala, Reneilwe Letsholonyane, Willard Katsande, Josta Dladla, Thuso Phala, Mandla Masango, Jabu Mahlangu, Stanton Fredericks
  • ABAGADLI: David Radebe, Colins Mbesuma, Bernard Parker
  •  UMQEQESHI: Thabo Mooki

Amathikithi okungena kwiToyota Cup aseyatholakala ngo-R40 kuzo zonke izitolo zeTicketPro.