UNabi ufuna kudedelwe abayisithupha angabadingi kwiChiefs
– Intatheli yeLisenethini
Umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usecele ukuthi abadlali abayisithupha baleli qembu babolekiswe.
Lokhu kuvezwe yingwazi yaMakhosi uDoctor Khumalo, obuye abe ngumhlaziyi kwiSABC Sport ngoMsombuluko.
UKhumalo utshele iSoccerzone ukuthi iChiefs izobadedela abadlali abayingxenye yeshumi nambili ukuba babolekise.
Nokho le nkakha esike yasebenza kwiChiefs njengephini lomqeqeshi phambilini, ithe ngeke ibadalule labo badlali.
“Abadlali abayisithupha (beChiefs), umqeqeshi ubuze ukuthi angabolekisa yini ngabo,” kusho uKhumalo.
“Ababili balimele njengamanje. Ababili abekho eqenjini eTurkey.”
Kubadlali abane abasalile iChiefs kade iya eTurkey oMduduzi Mdantsane, uTebogo Potsane, uGeorge Matlou noDillan Solomons.
O-Edmilson Dove nomdlali obesanda kufika, uBongani Sam bona balimale khona ekhempini yeChiefs, babuyiselwa ekhaya.
IChiefs iseTurkey la ilungiselela khona isizini entsha ngaphansi kweso elibukhali likaNabi.
Amakhosi adlale neqembu laseQatar, i-Al Shahaniya emdlalweni wokuzilolonga ngoMgqibelo, anqoba ngo 5-2, umgadli uRanga Chivaviro ushaye amagoli amane.
IChiefs isempini yokuzama ukugwema ukuhlala iminyaka eyishumi ingatholi ngisho eyodwa indebe yePremier Soccer League.
UKhumalo uveze nokuthi uyakweseka ukuqashwa kukaNabi waseTunisia nethimba lakhe ukutakula lo mkhumbi ominzayo.
“Engikwaziyo wukuthi ngokuhamba kweKaizer Chiefs bekuhloswe ukuvikela laba baqeqeshi.
“Ngiyawubona umehluko omkhulu, futhi ngingasho ukuthi laba bafana (abadlali) baphonselwa inselelo.”
UKhumalo wengeze ngokuthi uyavumelana nokukhethwa kwabadlali abayisithupha uNabi abafuna ukubolekisa ngabo.
OLUNYE UDABA: Okusha ngoMokwana, iChiefs isangamthola uma…
“Ngiyavuma, bangabolekiswa, kodwa bangadedelwa (ngokuphelele),” kusho yena.