EzintshaOrlando Pirates

UMonyane ubona uGilberto ezokwengeza ‘ubumnandi’ kwiPirates

Leli qembu lihlose nokwenza kangcono kakhulu kwiCaf Champions League, lapho likhishwe khona esigabeni sokuqala ngesizini edlule.

UMonyane ukholwa ukuthi ukwengezwa kukaGilberto, obegqame kwiPetro de Luanda yase-Angola ngesizini edlule kwiChampions League, kuzoqinisa imizamo yabo yokwengeza enye inkanyezi ebhejini yePirates. 

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala wase-Angola usanda kusayina inkontileka yeminyaka emithathu nePirates.

UMonyane uhlabeke umxhwele ngamakhono kaGilberto futhi unethemba ngomthelela angaba nawo eqenjini. 

“UGilberto ungumdlali othokozisayo, onekhono kakhulu futhi osheshayo,” kusho uMonyane. 

“Engingakusho kumaBhakabhaka ukuthi kuzoba isizini emnandi.” 

Uma ecabanga ngomkhankaso odlule kwiChampions League, lapho bekhishwe khona emzuliswaneni wesibili yiJwaneng Galaxy yaseBotswana, uMonyane uzimisele ngokubona iBhakabhaka lidlulela phambili kulokhu. 

“Ngokusobala, asifuni ukuphinda iphutha elenze ngesizini edlule ngesikhathi siphuma kwiChampions League kusenesikhathi. 

“Kulokhu sifuna ukuhamba yonke indlela,” kusho lo mdlali osemncane kodwa obonakala enekusasa elihe kakhulu.