UMakhaula uchazwe akubone kwabePirates eSpain
– Intatheli yeLisenethini
Ngemuva kokuqeda enye isizini besendaweni yesibili, umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uMakhehleni Makhaula, usehlonze amaqembu amancane njengezinye zezithiyo ezinkulu kubo ngesicoco sePSL.
IPirates yenze kahle kulamasizini amabili edlule idla izicoco ezimbili – eseMTN8 neseNedbank Cup – amahlandla amabili kulandelana.
Kodwa AmaBhakabhaka agcine ukuwina isicoco seligi ngo-2011/12 ngaphansi komqeqeshi wasePeru u-Augusto Palacios.
Njengoba ompetha abavikela isicoco, iMamelodi Sundowns behlele kabusha ithimba labaqeqeshi, abaningi, okuhlanganisa noMakhaula bakholelwa ukuthi bangasebenzisa leli thuba ukuhlwitha isicoco.
ISUndowns isisidle amahlandla ayisikhombisa kulandelana isicoco seligi kuleli kanti kumele kube khona iqembu eliyiphazamisayo.
Yize ezwakale enethemba lokuthi bazolikhuphula izinga ngo-2024/25, lo mdlali okhuthele naye uphawule into eyodwa ezobaphazamisa.
“Ngicabanga ukuthi ngokwami, amaqembu amancane kuphela asiphazamisayo,” esho ngesikhathi kwethulwa ikhithi yeqembu kuleli sonto.
“Sijwayele ukunganaki kweminye imidlalo kodwa kungijabulisile engikubon laphaya eSpain.
“Abafana [abadlali bePirates] bazimisele kakhulu kulokhu. Ngicabanga ukuthi kulo nyaka sizozama ngazo zonke izindlela.”
OLUNYE UDABA: IChiefs izicucuzele yona seyinikwe uYaya ngethileyi
Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala ube nesizini engcono ngo-2023/24 la edlale khona imidlalo engu-19 kuyo yonke imiqhudelwano washaya negoli.