UHotto ubhodla ‘ngengxabano’ yakhe noLorch kwiPirates
– Intatheli yeLisenethini
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uDeon Hotto, usezwakalise isifiso sakhe sokuxazulula ukungezwani kwakhe nobenguzakwabo uThembinkosi Lorch.
Udaba olwaqubuka ohlelweni oluwuchungechunge lwethelevishini oluveza imininingwane ejulile ngobekwenzeka ekhempini yePirates ngesizini edlule luveze ukuthi uHotto noLorch bebengaboni ngaso linye.
Ubudlelwano obungebuhle bukaHotto noLorch yibo obudonse amehle kakhulu ngesikhathi kuxoxwa ngabo kulolu hlelo.
Kuvele izinsolo zokuthi uLorch wazama ukuxabanisa uHotto nabanye abadlali ngoba enomona wokuthi udlaliswa njalo.
Ngaleso sikhathi, uLorch ubezabalaza ukugcina indawo yakhe eqenjini eliqala imidlalo ngenxa yokulimala obekumbelesele.
Kulolu hlelo, uHotto, ehambisana noPaseka Mako noBandile Shandu, baxoxe ngomthelela walobu budlelwano obungemnandi, beveza ukuthi kungenzeka ukuthi budale uqhekeko eqenjini.
“Abukho ubudlelwano [noLorch], akasekho, empeleni bekumele ngiyilungise naye leyo,” kusho uHotto kwabezindaba ngoMsombuluko.
“Lento yenzeka sekuzophela iligi, ngaya eqenjini lesizwe kwi-Afcon, kwathi ngiselapho, ngezwa ukuthi uyahamba.”
UHotto, ekhuluma ngesikhathi kwethulwa ijethi yePirates ngesizini ezayo, uzwakalise ukuthi uzimisele ngokukhuluma noLorch.
“Empeleni besingakaze sihlangane noma sihlale phansi ukuze sikhulume ngalento, nakanjani (ngingathanda ukuxazulula izinto). Ngizokwenza.”
Ngaphezu kwalokho, uHotto uvikele ikilabhu nethimba layo labezindaba ngokuvezela abalandeli okwenzeka esithe eqenjini.
Lolu hlelo lwagxekwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, abanye bekhala ngokuthi linekela izwe izinto okungamele lizazi.
Abanye basola ukuthi kujojwa uLorch njengomthakathi kodwa engasenayo indlela yokuziphendulela.
ULorch wagcina eshiyile kuleli qembu ngosuku lokugcina lwewindi lokujwebelana ngabadlali ngoJanuwari waya kwiMamelodi Sundowns.
OLUNYE UDABA: Sibhekisisa isitobha sase-Angola esifunwa uNabi weChiefs
Kukhona nabanye abadlali abamlandelile ngoJuni, bekhululwa kungazelele muntu kanti kukholakala ukuthi yingoba bebeyiqeqebana elihambisana noLorch.