EzintshaKaizer Chiefs

Okusha ngoMokwana, iChiefs isangamthola uma… 

Lokhu kuphambene nemibiko yakamuva yokuthi iSekhukhune seyivumile ukudayisa lo mdlali wasesiswini weBafana Bafana kwi-Esperance yaseTunisia. 

Kodwa ukuze iChiefs iphumelele emkhankasweni wayo wokuthola lo mdlali oneminyaka engu-24, kufanele ithuthukise ekubeke etafuleni. 

Lokhu kuvele embikweni weSowetan ocaphune umthombo ongahakathi kwiSekhukhne okuchithile ukuthi lo mdlali usendleleni ebheke kwi-Esperance. 

“Ngokuma kwezinto njengamanje, iSekhukhune ayikavumelani lutho nanoma yiliphi iqembu,” ucashunwe usho kanje umthombo. 

“U-Elias useyingxenye yeqembu futhi uma kukhona iqembu elihamba phambili emjahweni wokumsayinisa, yiChiefs. 

“Lokho kungenxa yokuthi sebebeke okuthile etafuleni nokho iqembu elicabanga ukuthi kuncane kakhulu. 

“Yingakho labatshela ukuthi babuye nesicelo esingcono ngokuzayo,’’ kusho umthombo.

Uqhube wathi i-Esperance ike yabuza nangokutholakala kukaMokwana, kodwa akukho okubekwe etafuleni.

“Okwamanje i-Esperance ayikabeki lutho oluphathekayo kodwa basabuze ngomlomo nje kuphela. 

“Ngilindele ukuthi iChiefs ibuye nesiphakamiso esingcono ezinsukwini ezimbalwa ezizayo bese ngicabanga ukuthi isivumelwano sizophothulwa.

“Kodwa-ke angiyazi ngempela imali efunwa yiqembu ngoba i-CEO (uJonas Malatji) okunguyena ophethe lezo zindaba.”

Lo mthombo uthe lesi simo sikaMokwana siwukhumbuza indlela iChiefs esayinise ngayo umdlali wasesiswini uYusuf Maart esuka kwiBabina Noko ngoJulayi 2022.

“Ngikhumbula kwenzeka okufanayo ngesikhathi sibadayisela (iChiefs) uMaart. 

“Abafika nakho okokuqala kwakukuncane kakhulu kodwa ngemuva kwezinsuku ezintathu babuya nokungcono, banikezwa umdlali.

“Ngakho-ke, ngicabanga ukuthi into efanayo izokwenzeka ngo-Elias ngaphandle kokuthi i-Esperance ifike nemali enkulu.”

Imenenja kaMokwana uPontsho Madumo weCream Sports Management, ikugcizelele ukuthi alikho iqembu elixhumena ngqo nalo mdlali.

“Siyazi ukuthi amaqembu ahlukene anentshisekelo kodwa kuze kube manje akekho oseke wathintana nomdlali.

“Mhlawumbe baxoxisana neSekhukhune. Njengekhempu yomdlali asazi lutho okwamanje,’’ kusho uMadumo.