EzintshaKaizer Chiefs

‘Angazi,’ kusho uKhune ngokusala iChiefs iya eTurkey

Ethintwa ukuze aphawule ngalolu daba ngeiskhathi kudlalwa owamanqamu weDStv Ekasi Champ of Champs ngeSonto, uKhune uthe akakhululekile ukuxoxa ngekusasa lakhe wabe esebhekisa kwiChiefs imibuzo. 

“Angifuni ukucashunwa ngalolu daba. Kungcono ukhulume neChiefs,” ucashunwe esho kanje kwiSowetan.

UKhune ungungwe yizinkumbi zabalandeli ngesikhathi ephuma ennkundleni kule mildlalo ebiseMoletsane, eSoweto ngempelasonto. 

Yize ethe akafuni ukuphawula, abalandeli baqhubekile ngokumxina ngemibuzo befisa ukwazi kwenzakalani ngaye.

Bebuza ukuthi kungani engekho naMakhosi eTurkey, lapho leli qembu belibambele khona ikhempu yokuzilungiselela isizini. 

“Angazi,” uphendule kanje ngesikhathi eshutha ama-selfie nabalandeli. 

Omunye wabalandeli uphakamise ukuthi iChiefs kufanele imnikeze enye inkontileka yonyaka kanti uKhune uphendule ngokuncokola wathi kungenzeka adlale eminye iminyaka emithathu.

Lo nozinti akazange alubhade eTürkey njengoba inkontileka yakhe neChiefs yaphela ngoJuni 30. 

Akanalo iqembu futhi, njengoba abanye abadlali abebengahambanga besaqhubeka nokuziqeqesha esizindeni seqembu eNaturena, uKhune ubengekho kubo.