Ezintsha

Uminyele kuphele isigwebo abuyele kwiPremiership uStash

Empeleni nje, osekusele wukuthi abaphathi beRoyal AM baqede izikweletu ezibenza babe nesigwebo esibavimba ukusayina abadlali bese kuyaqedwa. 

Umthombo osondebele noNtshangase uxoxele iLisenethini lezi zindaba ngoMsombuluko ngemuva kokufunda udaba lokuthi usedlala eqenjini le-ABC Motsepe Foundation.

NgoMsombuluko sibike ukuthi uNtshangase, owaduma kakhulu ngesikhathi sakhe kwiKaizer Chiefs, usedlala kwiDitlou FC KwaZulu-Natal. 

“Usekhulile, ufundile emaphutheni angaphambili futhi sinethemba elikhulu ngaye manje,” kusho lo mthombo. 

“Ubelelwe jwiDitlou ukuze abuyele esimweni sokujwayela ukudlala futhi uziphathe kahle kusukela kusavalwe isizini bedlala imidlalo yokungcweka. 

“Akakaze akhombise ukuxhukula noma engadlali futhi ubezimisele ngampela nje.

“Kweminye imidlalo ababeyidlala bekukhona izinhloli ezihambe zayotshela uMaMkhize (umphathi weRoyal AM) ukuthi kusekhona angakuthola kuye. 

“Manje sekuxoxiwe kanti iRoyal AM izovala lesi sigwebo ngoLwesibili, bese ikhululeka ukusayina abadlali.

“Uzoba ngomunye wabokuqala azobasayina uma esevulelekile ngoba nomqeqeshi wakhe (uJohn Maduka) uyamfuna impela.”