EzintshaKaizer Chiefs

Owaduma kwiChiefs uvuselela ibhola lakhe kwi-ABC Motsepe League

UNtshangase ugcine ukudlala esigabeni esikhokhelayo ngesikhathi ekwiBlack Leopard edlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.

Ngemuva kwalapho uke wathi ukunyamalala, kwavela amahlebezi okuthi ubonakala ezindaweni ezingamfanele umdlali wezigaba ezikhokhelayo. 

USiphelele Ntshangase washeshe wakhomba ukuthi uzoba ngumdlali omkhulu ngesikhathi eba ngomunye wabadlali abadonsa amehlo amaqembu amakhulu esadlala eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kuka-23.

Kuleli qembu wayeyibamba noPhakamani Mahlambi naye ogcine ephelele ezeni ngenxa yokuthanda kakhulu impilo yobumnandi kunebhola. 

UNtshangase esedlala kwiBafana Bafana yize ayesadlala eqenjini lNFD, wagicna elandwe yoBaroka.

Akahlalanga isikhathi esitheni kuyo, walandwa yiKaizer Chiefs futhi wafika kuyona ethwelwe ngeqoma ukuthi uzoshaya umsebenzi osezingeni eliphezulu.

Kodwa wafika washaya udaka njengoba wagcina esengukudla kwebhentshi wagcina ngokukhonjwa indlela kulandela izinsolo zokungaziphathi kahle. 

UNtshangase usephinde wavuswa uTeboho Moloi owayengumdlali weMaritzburg United nophinde abe ngumhlwayi wabadlali emazingeni aphansi.

UMoloi uthenge leli qembu ukuze asebenzise lona ukucija kahle abadlali ngaphambi kokubadlulisela phambili. 

Kubadlali asanda kubavundulula abanike ithuba singabalula uSibongiseni “Ox” Mthethwa osekwiKaizer Chiefs kumanje.

UNtshangase ujoyine abadlali abaduma kwiPSL asebedlala kwiABC Motsepe League eKZN abanjengoThami Sangweni woMsinga United, uLindokuhle Bhengu, uThobani Mncwango, nabanye abaningi.