EzintshaKaizer Chiefs

Izogaya imali ebhekile iChiefs kudayiswa uNgezana

UNgezana ushiye kwiChiefs kungazelele muntu waya kwiFCSB yaseRomania ngonyaka odlule futhi waba nesizini eyimpumelelo khona.

Ukwenza kahle kukaNgezana eRomania kube wukunqoba isicoco seligi neFCSB, nokuzitholela indawo eqenjini lesizwe, iBafana Bafana. 

Ngesikhathi esekwiChiefs, uNgezana wadlala imidlalo engu-123, washaya amagoli ayisithupha futhi wazakhela igama ngengesinye sezitobha eziza kahle. 

Futhi imibiko yakamuva iveza ukuthi uNgezana ngeke aqhubeke kwiFCSB kule sizini. 

Esikhundleni salokho, uzojoyina ikilabhu yase-Azerbaijani, iNeftchi Baku. 

Lesi sinyathelo sibalulekile kwiKaizer Chiefs, njengoba inombandela wokuthola u-10% emalini azodayiswa ngayo uma esuka kwiFCSB.

Emasontweni adlule, umengameli weFCSB, uGeorge Becalli ucashunwe ethi ngeke athathe imali engaphansi kuka-R1-billion ngalo mdlali wasemuva waseNingizimu Afrika.

Uma kuwukuthi iFCSB izokuthola lokhu kulokhu kudayiswa kwakhe,kusho ukuthi iChiefs izothola imali engaphezudlwana kuka-R100-million.

“Umdlali wasemuva weBafana, uSiyabonga Ngezana, usezojoyina iqembu lase-Azerbaijan, iNefchi Baku, esuka eqenjini laseRomania, iFCSB. 

“IKaizer Chiefs inombandela wokuhlomula ngo-10% ngokwesivumelwano sayo ne-FCSB,” kubika i-Unplayable ku-X. 

Lokhu kunyakaza kwakamuva kukaNgezana kulindeleke ukuthi kuhlomulise iChiefs ngokwezimali, kwengeze esikhwameni seqembu.