AmaqembuEzintsha

Icabanga ukubuyisa umqeqeshi wakudala i-Arrows 

Leli qembu laseThekwini lilahlekelwe ngumqeqeshi walo, uSteve Komphela, ngenyanga edlule ngemuva kokubuyela kwakhe kwiMamelodi Sundowns. 

UKomphela ujoyine i-Arrows maphakathi nesizini edlule, wayisusa ezembeni futhi wagcina wacishe wayifaka kwiTop 8. 

Nokho iSundowns ibe seyixosha uRulani Mokwena yabuyisa uKomphela njengomqeqeshi omkhulu.

UKomphela usezosebenzisana noManqoba Mngqithi osezoba yinhloko yabaqeqeshi noRomail Folz oqinisekiswe njengephini lomqeqeshi ngoMsombuluko. 

Njengoba kubonakala kunzima kwi-Arrows ukuthola omunye umqeqeshi, leli qembu licabangela kuSeema, ongaqashwe ndawo njengamanje.

USeema uxoshwe kwiSekhukhune United kulandela ukungezwani nabaphathi ngasekupheleni kwesizini edlule. 

Yize exoshiwe kodwa ubeyakhile iSekhukhune, wayenza iqembu elingcono neligcine liqeda endaweni yesine kwiDStv Premiership, yaphinde yabuyela kwiCaf Confederation Cup.

Umthombo utshele iLisenethini ukuthi i-Arrows – lapho ake waqeqesha khona uSeema phambilini – icabanga ukumbuyisa. 

“Kumanje bamatasatasa ngokuthi uzongena ngamuphi umsebenzi. Angaba umqeqeshi ngokubambisana noMabhuti (Khenyeza),” kusho umthombo. 

“Kodwa kukhona nombono wokuthi kufanele abe umqeqeshi omkhulu ukuze abe nezwi lokugcina futhi kube nomuntu oyedwa ozophendula ngezinqumo nemiphumela.”

I-Arrows ibheke ukuxazulula lesi simo sayo sokuqeqesha ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha.

Inethemba lokuthi uSeema angafika nobuholi nozinzo okudingekayo ukuze akhele phezu kwempumelelo yangesizini edlule.