EzintshaKaizer Chiefs

Uyise kaSamkelo Zwane ubheke lukhulu kuye kwiChiefs 

USamkelo njengamanje uyingxenye yeqembu leChiefs elisekhempini yokulungiselela isizini eTurkey ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi. 

Usebe seqenjini elikhulu kwiChiefs amasizini amabili, kodwa uSamkelo udlale imidlalo eyisishiyagalombili kuphela ngesizini edlule.

Kweyandulela leyo wayedlale engu-15 kwisizini yakjhe ngaphansi kuka-Arthur Zwane owamkhuphulela eqenjini elikhulu. 

Uyise ulindele ukuthi asebenze kanzima futhi asebenzise amathuba akhe kule sizini ezayo.

“Kubukeka sengathi kunokuthile okuhle okwenzekayo, kodwa angifuni ukujabula kakhulu. 

“Sizobona uma sekuqokwa iqembu eliqala imidlalo, nendlela azodlala ngayo,” kusho uZwane. 

“Engikuthembayo ukuthi uzolithola ithuba lokudlala, nokuthi uma ethola ithuba lokudlala enze kahle.

USamkelo ujoyine iChiefs eneminyaka engu-17, imbanga neMamelodi Sundowns kanye neBidvest Wits. 

Ithalente lakhe alikaze lingabazeke, kodwa u-Eugene Zwane ugcizelela ukubaluleka kokusebenza kanzima.

“Siyazi ukuthi unalo ikhono; osekusele wukuthi anikezwe ithuba lokufeza lelo khono futhi asebenze kanzima ukuze adlale njalo eqenjini,” kwengeza uZwane.

Uthe ubelokhu eyikhuthaza indodana yakhe ukuthi ibukele kokwenzeke kubadlali abangaphambi kwayo oTeko Modise noThemba Zwane. 

“Ngesikhathi bengena ezingeni elikhokhelayo, bebengayiqali imidlalo, babolekiswe nakwamanye amaqembu kodwa babuye ngamandla, babheke ukuthi bakuphi manje,” usho kanje.