URamovic ubhuqe uMokwena ephawula ngokufunwa yiRaja
– Intatheli yeLisenethini
USead Ramovic, ongumqeqeshi weTS Galaxy, uvele wazibhuqela uRulani Mokwena ngesikhathi ebuzwa ngokufunwa kwakhe yizinkunzi zaseMorocco iRaja Casablanca.
Ubutha obuhakathi kukaRomovic noMokwena buyaziwa futhi bungase buvuseleleke eMorocco njengoba kungenzeka bobabili baqeqeshe kwiBotola Pro League.
UMokwena useable uqashiwe yiWydad Athletic kanti uRamovic usohlwini lwabaqeqeshi okuthiwa bafunwa yiRaja.
Manje njengoba lezi zinsizwa bezihlezi zigudlana ngamazwi ngesikhathi zisebenza kwiDStv Premiership zombili, umbango wazo ungashuba kakhulu eMorocco.
Phela bobabili bengabe sebesemaqenjini amakhulu futhi anemali eyanele ukuthenga abadlali abanohlonzo.
“Ngicabanga ukuthi kumele ngingayi ngoba ngamuzwa umngani wami ekhethekile ekhuluma,” kusho uRamovic kwabezindaba.
Ubekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe, iTS Galaxy neMbabane Swallows yaseSwatini ngoMgqibelo ebusuku eMbombela Stadium.
“Ngamuzwa ethi abadlali (beSundowns) bakhala, izingane namakhosikazi abo nabo bakhala (ngesikhathi bezwa ukuthi uyashiya kwiSundowns).
“Ngakho, angifuni ukuhamba ngoba uma ngikwenza lokho, abadlali bangase bakhale – abadlali beSundowns.
OLUNYE UDABA: UKhanye usola ‘umasgcozi’ kwiChiefs ngezinguquko ezenziwayo
“Kuzobe sekukhana nezingane namakhosikazi abo… Angifuni ke mina ukwenza lokho ngoba bakhale kwanele kuhamba uRulani.”