UsezobaFohloza kwiSundowns uRomain Folz
– Intatheli yeLisenethini
Kubikwa ukuthi uManqoba Mngqothi usegcine elitholile ithuba lokusebenza nomqeqeshi osemncane okubikwa ikhono eliyinqaba kuye, uRomain “Fohloza” Folz.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-33 kuvela ukuthi uzojoyina ithimba labaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns la eoba khona yiphini.
ILisenethini beyike yabika phambilini ukuthi ngesikhathi uMngqithi enezingxoxo neKaizer Chiefs ngokuyosebenza kuyo, wakuveza ukuthi iphini lakhe lokuqala kube uFolz.
Nebala izingxoxo xabanjwa eThekwini ngaphambi kancane kokuphela kwesizini edlule phakathi kweChiefs, uMngqithi noFolz nabanye abezobadinga ethimbeni lakhe.
Nokho lokho kugcine kungenzekanga njengoba iSundowns inqume ukuvuselela inkontileka yakhe, neChiefs yagcina ngokuthatha uNasreddine Nabi.
Ngokwemibiko ehlukene, uFohloza nguye ozoba yilungu lesithathu ethimbeni elizocija iSundowns kule sizini ezayo nokubhekwe lukhulu kulo.
UFolz ungomunye wabaqeqeshi abaneziqu eziphezulu kulo msebenzi futhi ngaphambi kokubuya kuleli ubesebenza no-Arsene Wenger kwiFifa.
Ufike kuleli eminyakeni emithathu edlule ezosebenza kwiMarumo Gallants, kodwa akangahlala isikhathi esitheni, wabaleka ngoba ethi abaphathi bayagxambukela.
Wabe esenqakwa Usuthu la umengameli uSandile Zungu akubeka kwacaca ukuthi ungumqeqeshi ophambili.
Nokho izinto azimvumanga njengoba kuvela ukuthi abadlali abathile babengamhloniphi okwenza umsebenzi ungahambi ngendlela efanele.
Nokho njengoba esezosebenza nezingwevu ezaziwayo futhi ezihlonishwayo ebholeni lakuleli, uMngqithi noSteve Komphela, cishe yikhathi ezokwazi ukuziveza kahle.
OLUNYE UDABA: Banekhono elihle, kodwa bantunta nendishi
Ingcindezi izobe yengeziwe kwiSundowns kulandela indlela okuxoshwe ngayo uRulani Mokwena neshiye abanye babalandeli bengenelisekile.